Ezintsha

UDolly ulibheka ngokucophelela iqembu azodlala kulo

UKeagan Dolly ngomunye wabadlali obekubhekwe ukuthi asheshe alithole elinye iqembu azodlala ngalo ngemuva kokudedelwa yiKaizer Chiefs. 

Kodwa kumanje sekuphele izinyanga ezine lo mdlali engenaqembu kusukela ephume kwiChiefs ngoJuni.

Ubehlale kuMakhosi iminyaka emithathu njengoba awajoyina ebuya phesheya eFrance la ayehlale khona iminyaka emine. 

Kuke kwanemibiko yokuthi uGavin Hunt uyamfuna kwiSuperSport United, kwavela nokuthi naMaZulu FC azibhekile kuye. 

Nokho uHunt waqoka ukuthatha uVincent Pule obesuka kwi-Orlando Pirates nabeseke wasebenzisana naye phambilini kwiBidvest Wits. 

Kodwa manje umbiko wabe-iDiski Times uveza ukuthi inkampani emphethe, iSiyavuma Sports Group ithi abatatazeli ngalolu daba lukaDolly. 

“Ikhona intshisekelo esike yavela ngoKeagan Dolly,” kucashunwe isikhulu sale nkampani sisho kanje.

“Kodwa okwamanje asikalitholi ithuba elinemelisa ngakho konke… 

“Sisaqhubeka nokumbhekela. Kukhona iqembu abesevumelene nalo, wahlolwa nesimo sempilo. 

“Ngakho kuthe ngeshwa uma lokho kungasenzeki ekugcineni, kwadingeka siluqale phansi futhi uhlelo. 

“UKeagz ungumdlali ozinikele, ukulungele ukuyosebenza futhi sinesiqiniseko ukuthi ithuba elifanele lizoziveza maduze.

“Usesimweni esihle futhi ukulungele ukubuyela ekudlaleni,” kuqhuba lesi sikhulu. 

Siveze nokuthi ezinye zezinto ezibhalwa ngoDolly ezinkundleni zokuxhumana  ziyabalimaza ngoba zingamanga.

“Okuphikisana nokubhalwa ngaye ezinkundleni zokuxhumana, izibalo zikaDoly kwiKaizer Chiefs zinhle kakhulu.

“Zinhle impela ikakhulukazi kumasizini akhe amabili okuqala la ayeshaya aphinde akhe amagoli.

“Ngeshwa isizini yakhe yokugcina ubengadlali ngenxa yokulimala edolweni.

“Ubuyile, ngeshwa waphuka uzwane kanti sonke siyazi ngeke ulidlale ibhola uphuke uzwane.” 

Njengoba esafunelwa iqembu, uDolly uyaqhubeka nokuzicija ngayedwana ukuqinisekisa ukuthi usesimweni esifanele.