
Usevumbuke kwelase-Italy umgadli olaxazwe yiChippa
Owayengumdlali we-Orlando Pirates neChippa United uBienvenu Eva Nga usethole ikhaya elisha ebelingalindelekile — e-Italy!
Lo mgadli oneminyaka engu-32 ubudala odabuka eCameroon usayine ngokusemthethweni neqembu leSerie D iPortogruaro Calcio ASD.
Lokhu kuphawula ukuphela kweminyaka emihlanu esebholeni laseNingizimu Afrika lo mgadli.
U-Eva Nga wafika eMzansi esuka kwiCosta do Sol yaseMozambique ngo-2019 ezojoyina iBidvest Wits.
Ngesikhathi sakhe kuleli, udlale emaqenjini amathathu ehlukene aseNingizimu Afrika: okuyiWits, iChippa United (kabili), ne-Orlando Pirates.
Ushaye amagoli angu-28 futhi wakhela ozakwabo ayisithupha emidlalweni engu-138 kuyo yonke imiqhudelwano ngesikhathi edlala kwiPSL.
Ngemuva kokulaxazwa yiChippa ekupheleni kwesizini ka-2024/25, u-Eva Nga ubemataniswa namakilabhu e-Afrika yonkana naseMiddle East.
Kodwa-ke, ngokubika kwe-iDiski Times, usemangaze abaningi ngokusayinwa eqenjini lase-Europe.
Usayine inkontileka yonyaka kuleli qembu lase-Italy elinezifiso zokunyukela kumaligi amakhulu.
Lesi sivumelwano siphawula isahluko esisha kulo mgadli obheke ukuvuselela umsebenzi wakhe e-Europe ngemuva kwesikhathi sakhe eNingizimu Afrika.
Naphezu komgqigqo wakhe obungemuhle kwiPSL, ukusuka kwakhe egadeni bekumenza abukeke engumgadli othembisayo.
- FUNDA NALA | UMabuza uveza okwenze ashiye iChiefs aye kwelasePortugal
Ubenakho nokushaya amagoli amahle — ikakhulukazi ngesikhathi sakhe kwiChippa, lapho ehambe phambili khona ngokushaya amagoli.
Ukuthuthela kwakhe wkiPortogruaro kukhomba ukufisa kwakhe ukuqala kabusha endaweni angayazi nezomnika inselelo entsha.
Futhi uma engathola umgqigqo omihle e-Italy, kungamvulela iminyango yokuvuselela ibhola lakhe.
