EzintshaOrlando Pirates

Kufezeke ‘iphupho’ lomqeqeshi omusha wePirates ngoMbule

Phela ko mqeqeshi odabuka eMorocco, u-Abdeslam Ouaddou wenzekalelwe yinto abaningi abagcina ngokuyifisa – ukufezeka kwephupho.

Yena ke akufezekanga elilodwa, kodwa amabili kanyekanye njengoba ezocija leli qembu, aphinde asebenze nomdlali abembalulile ukuthi uyamfisa.

Ekhuluma kwiMarawa Sports World Wide ngasekuqaleni kwenyanga, u-Ouaddou wathi akekho umqeqeshi ongeke agxume uma kuthiwa unikwa i-Orlando Pirates. 

Sekwenzekile ke lokho njengoba leli qembu likuqinisekisile ngoMsombuluko ukuthi nguye ozovala isikhala sikaJose Riveiro. 

Iphupho lesibili? Ukusebenza noSipho Mbule, umdlali akathi umbona esezingeni eliphezulu futhi ongaya kude uma esebenza nomqeqeshi ozomsebenzisa ngendlela efanele. 

Ukhumbule ke ukuthi ubencoma uSipho Mbule nje ubesambone kancane kwazise usenezinyanga ezintathu efikile ebholeni lakuleli. 

Lo mqeqeshi obekwiMarumo Gallants akalufihlanga uthando analo ngebhola likaSipho Mbule noNeo Maema weMamelodi Sundowns.

“Ngiyamthanda, ngithanda indlela adlala ngayo,” washo kanje u-Ouaddou kule ngxoxo noRobert Marawa.

“Yebo ngiyazi ukuthi kungenzeka indlela aziphethe ngayo ayikho yinhle kangako.

“Kodwa ngicabanga ukuthi lokho kunciika endleleni aphethwe ngayo.

“Abadlali abafana naye badinga ukuphathwa ngendlela ethile, badinga umuntu ozoba nobudlelwano obuqinile nabo.

“Kumele ubenze bakuqonde ukuthi banekhono kangakanani, nokuthi lokho kusho ukuthi baziphathe kanjani.

“Lowo mdlali onjalo nguMbule. UMbule ungumdlali omuhle kakhulu, uwuhlobo lomdlali engingathanda ukuba nalo eqenjini lami.” 

Ubekhuluma kanjena nje u-Ouaddou ubengakaqashwa kwi-Olrando Pirates, futhi noMbule bekungakaziwa ukuthi uya kuwo.

Manje njengoba sekwenzekile ukuthi bazohlangana, sekubhekwe ngabomvu ukuthi uzomvuselela kanjani lo mdlali.

Phela uSipho Mbule ngomunye wabadlali abanekhono elihle, futhi okubhekwe baye kude ebholeni.

Nokho uke waba nokuphaamiseka kule minyaka edlule ngenxa yokuhluleka ukuziphatha ngendlela elindelwe kumdlali webhola elikhokhelayo.