
Usayinwa eleBetway Prem obeqhulula amagoli kwiNFD
Selisheshe lagqama ikusasa lomdlali osemncane odabuka KwaZulu-Natal njengoba esesayina eqenjini elidlala esigabeni esikhulu sebhola elikhokhelayo.
Lokhu kwenzeka nje lo mfana oneminyaka engu-23 ubudala usonyakeni wakhe wokuqala ezigabeni zebhola elikhokhelayo.
Usayinwe yiLerumo Lions ekuqaleni kwesizini njengoba imhlonze kade edlala eqenjini leDStv Diski Challenge leSekhukhune United.
UMSHINI WAMAGOLI
Emidlalweni engu-15, usebe nesandla emagolini angu-13 – ushaye amahlanu, wakhela ozakwabo ayisishiyagalombili.
ILisenethini ike yabika ngoNovemba ukuthi uMfanafuthi Mlotshwa usethathe amehlo amaqembu adlala kwiBetway Premiership.
Manje umthombo usukuqinisekisile ukuthi sekuyenzeka ngampela njengoba namuhla ngoMsombuluko ezosayinwa yiSiwelele FC.
UFUNWE UMQEQESHI
“Sekuqediwe konke ngokwezingxoxo ngoba neLerumo seyivumile ukumdedela ukuthi ahambe,” kusho lo mthombo.
“ISiwelele besifuna umgasli ozovala isikhala sikaMagidigidi esanda kumdayisa phesheya, yabe seyibona yena engangena thaqa kuleso sikhala.
“Uma ubheka indlela adlala ngayo, icishe ifane nekaMagidigidi ngakho ngicabanga ukuthi ithole umdlali okahle kakhulu.”
FUNDA NALA | UNgwenya ukhiphe Usuthu emlonyeni wengwenya
Uqhube wathi awungabazi ukuthi uzofika kwiSiwelele enze ezibukwayo njengoba enzile nakwiLions ezinyangeni ezimbalwa ekuyo.
Okunye okubalulile lo mthombo wukuthi uya kuleli qembu laseFree State nje ufunwa ngumqeqeshi uLehlohonole Seema uqobo.
