
USaleng uthi bekumele bavule ngenjabulo e-Orlando
- Sibongiseni Gumbi
Uphinde waba yiqhawe uMonnapule Saleng esiza i-Orlando Pirates ukudlulela emdlalweni owandulela owamanqamu kwiMTN8.
USaleng ushaye igoli, waphinda waba nesandla kwamabili ngesikhathi iPirates ishaya iSuperSport United ngo 3-1 e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ebusuku.
“Ngizoqala ukubonga uMdali ngethalente angipha lona. Ngibone nomqeqeshi nabaphathi,” kusho uSaleng ngemuva komdlalo.
“Nozakwethu kumele ngibabonge – silwe njengeqembu namuhla. Ubunye bethu bebubuhle kakhulu.
“Besidlala ngokuzijabulisa, yize bekumele silwe kodwa besikuthokozela ukudlala. Bekungemina ngedwa, bekuyiqembu lonke. Sifuna ukuyivikela iMTN8.”
Uthe nokuqala ekhaya kubafake imdlandla owengeziwe ngoba bebengeke bakwazi ukuqala ngebatha e-Orlando.
“Besisenkundleni yethu yasekhaya, bekumele senze kube mnandi, siyivule ngokunqoba.”
IPirates iyona elishaye kuqala igoli kulo mdlalo ngesikhathi u-Olisa Ndah elidla ngesithende ibhola ebeligotshwe uSaleng.
Nokho ekuqaleni kwesiwombe sesibili uVincent Pule washayela iSuperSport igoli lokulinganisa, qede akangalijabulela ehlonipha iPirates le abedlala kuyo.
Ngemuva kwalokho uRicardo Goss uvimbe inqwaba yamabhola ePirates izama ukuthola elokunqoba kwaze kwayiwa esikhathini esengeziwe.
OLUNYE UDABA: UKaizer Junior uchaza okubahehe kuSirino
Kulapho ke iPirates ivuke indlobane. USaleng ushaye elokuthi iphine ihambe phambili, u-Evidence Makgopa washaya elokunqoba.
