EzintshaMamelodi Sundowns

Kuvela eyesimo esingesihle ngoShalulile kwiSundowns

Kuvela ukuthi kunamaqembu aseNyakatho Afrika, ePersian Gulf, naseSudan acuthile ukubona ukuthi iSundowns imisa kanjani ngaye. 

Nokho, itshe lemali elibekwe yiSundowns kuthiwa yilo eseliyisithiyo esikhulu ekutheni lo mdlali athathwe elinye iqembu. 

Ngokubika kweSABC Sport, lo mdlali waseNamibia akasekho ezinhlelweni zomqeqeshi uMiguel Cardoso. 

Futhi njengoba sekusele unyaka owodwa kuphela enkontilekeni yakhe, iSundowns kuthiwa ivulelekile ekutheni imdayise, idle imali ngaye.

Nokho konke kuncike ekutheni iqembu elimfunayo linike iSundowns lokho ekubona kuyifanele ngalo mgadli wayo ongalibheki ipali.

I-Esperance, elaseQatar, nalaseSudan bazibhekile

I-Esperance yaseTunisia kuthiwa seyike yazama ukuthola uShalulile, ilungiselela isicelo esihle sokumhehela eTunisia. 

Kukhona neqembu laseQatar, elingakadalulwa igama lalo, okuthiwa nalo likhombise intshisekelo enkulu.

Ne-Al Hilal yaseSudan isingenile emjahweni yize yona isanda kuyiveza intshisekelo yayo, kodwa kuthiwa iyona esabonise inhloso enkulu.

Kulesi sigaba, okungafunwa uShalulile eqenjini elimfunayo akubonakali kungaba yisithiyo esikhulu.

Inkinga yangempela ukuthi noma yimaphi amaqembu afuna ukumsayina azokwazi yini ukuhlangabezana nentengo ebekwe yiSundowns ngalo mdlali.

Akasasekho ezinhlelweni, akasadlaliswa

UShalulile wasayinwa esuka kwiHighlands Park ngo-2020 futhi ngokushesha wazibeka njengomshayi magoli oyintandokazi kumaBrazilians. 

Kodwa ngaphansi kukaCardoso, indima yakhe yehlile. Ubeyingxenye yeqembu ebeliye kwiFifa Club World Cup, kodwa akazange adlale nakanye.

Kusukela lapho, usale ngaphandle eqenjini — akazange abe khona emdlalweni weMTN8 iSundowns ibhekene neRichards Bay ngeSonto. 

Lokhu kusala kwakhe ngaphandle benoLucas Ribeiro noKhuliso Mudau, kuthumele umyalezo oqinile mayelana nombono kaCardoso ngeqembu lakhe ukuya phambili.

“Lezi zindaba zingezabaphathi bekilabhu. Yibo ababhekene nazo,” kusho uCardoso lapho ebuzwa ngokushiya laba badlali eqenjini losuku. 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO