EzintshaOrlando Pirates

URuud Krol uveza okwenza washiya engavalalesile kwiBucs

UJose Riveiro ulungiselela ukushiya i-Orlando Pirates ekupheleni kwale sizini, kanti lokhu sekuthunuke isilonda sokuhamba kukaRuud Krol kubalandeli. 

URuud Krol, owayecika iPirates iqopha umlando wokunqoba izindebe ezintathu ngesizini eyodwa, uveze indlela ashiya ngayo. 

Ube nengxoxo ekhethekile noJoe Hudla obengumsakazi webhola kodwa manje oseyinxusa leHollywoodbets

Kulapho eveze khona lo mqeqeshi odabuka eHolland ukuthi kwenzakalani ezinsukwini zakhe zokugcina kulezi zinkunzi zaseSoweto. 

Uthi wayethenjiswe umhlangano nosihlalo weqembu, u-Irvin Khoza lapho kuzodingidwa khona ukwelulwa kwenkontileka.

“Ngamlinda umlibe uKhoza. Babethe uyeza… kodwa akazange afike,” kusho uKrol ekhuluma esemzini wakhe oseSpain.

Yize ayenqobe iMTN8, iNedbank Cup, nesicoco seligi ngaleyo sizini, uRuud Krol washintshwa buthule, ngemuva kwamasonto kwathathwa uJulio Leal.

Lolu shintsho olwenzeka kungazelele muntu lwenzeka ngemuva kokuhlulwa ngo 3-1 yiKaizer Chiefs emdlalweni wamanqamu weTelkom Knockout. 

Kodwa uKrol uthi akakholwa wukuthi lo mphumela yiwona owamdalela amazinyo abushelelezi. 

“Umufi uStanley Tshabalala wangitshela ukuthi umengameli ufuna ukukhuluma nami ngenkontileka entsha. 

“Ngalinda, ngalinda… Kodwa akwenzekanga lutho,” kuqhuba uKrol.

Manje, ngemuva kweminyaka engu-14, umlando ubonakala uziphinda kwiPirates. 

URiveiro, osenqobe izindebe ezinhlanu kumasizini amathathu, naye uzohamba ekupheleni kwesizini. 

IPirates isasethubeni lokwengeza ezinye izicoco ezintathu futhi isinqumo sokudedela uRiveiro sesiqubule imibuzo.

URuud Krol uphinde wakhumbula ngendlela okwakudingeka aphathe ngayo abadlali njengoba kwakukhona nababengaziphathi kahle.

Wenze isibonelo ngoTeko Modise athi wayenokungaziphathi kahle, ezibona emkhulu eqenjini.

“UTeko wayenezinkinga zangaphandle kwenkundla. Ngambonisa. Kodwa wagcina ehambile waya kwiSundowns. 

“Sadlula kulokho ngoba vele akekho umdlali omkhulu ukwedlula iqembu,” kuphetha uKrol.