EzintshaKaizer Chiefs

Imenenja icacisa ngowaseGhana okhonjwa kwiKaizer Chiefs

Kuvela ukuthi maningana amaqembu azimisele ukufongqa isigqoko acele i-Asante Kotoko ukuba adayiselwelo mdlali. 

Imibiko yakamuva iveza ukuthi i-Kaizer Chiefs ihlonze uHubert Gyau oneminyaka engu-20 ubudala njengomunye wabadlali ezoqinisa ngabo.

Manje inkampani edume umhlaba wonke emenenja abadlali, iProsport International isikuqinisekisile ukuthi lo mdlali usengaphansi kwayo.

Ilinganiselwa ku-R6 million imali engakhishwa ukuthenga uGyau njengoba ezakhela igama ngokushesha okumangalisayo.

Yize Amakhosi efuna ukuqinisa esiswini, abhekene nombango omkhulu ekusayineni uGyau. 

Sekuvele ukuthi amaqembu aseDenmark iMidtjylland neRanders, nezikhondlakhondla zaseTanzania i-Azam FC, bonke basiqaphe ngelokhozi isimo sakhe.

Ekhuluma neSoccer Laduma, isikhulu esiphezulu seProsport uMike Makaab unxuse ukuthi kungatatazelwa ngalo mdlali. 

“Uma sikhuluma iqiniso, besingakatholi lutho olusemthethweni oluvela kunoma iyiphi ikilabhu okwamanje. 

“Uma kunentshisekelo, kungenzeka ukuthi i-Kaizer Chiefs ikhulume ne-Asante ngqo, kodwa ngeke ngikwazi ukukuqinisekisa lokho okwamanje. 

“Kufanele siyihloniphe inkontileka yakhe yesikhathi eside anayo njengamanje,” kucacisa uMakaab. 

UMakaab, nokho umncome kakhulu uGyau, ethi ungumdlali wesimanje futhi ongaba wusizo eqenjini azophelela kulo.

“Ungumdlali wasesiswini onekhono elimangalisayo, onamandla futhi okwazi ukukhahlelela ipali ekude. 

“Lokho kuyinto enkulu ebholeni lesimanje ikakhulukazi uma ubhekene namaqembu ahlala emuva.”

KwiKaizer Chiefs – ehlulekayo ukubhodloza udonga lwasemuva lwezimbangi kule sizini – uGyau angafika nendlela ehlukile. 

Kodwa-ke, noma yisiphi isivumelwano sizodinga “isibusiso” seKotoko nemali yokumthenga ebhekile.