
Unyiswa ‘umjolo’ owaseCameroon obanjwe nentombi
Ungene ehlazweni lokuthrenda ezinkundleni zokuxhumana umdlali weCameroon ngaphambi komdlalo obalulekile kuleli viki.
UNicolas Moumi Ngamaleu ubhekene nesivunguvungu ngemuva kwesigameko esimangalisayo esibandakanya intombi yakhe uNikki, ongunontandakukubukwa nomculi waseRussia.
Ngokwemibiko, le ngxabano yenzeke ngemuva kosuku lokuzalwa lukaNikki ngesikhathi ethola ukuthi uNgamaleu ufake omunye wesifazane endlini abebehlala kuyo.
Ngesikhathi efika endaweni yesigameko nomngani wakhe, uNikki kubikwa ukuthi uvinjwe yilo mdlalo weDynamo Moscow, ethi kukhona umalume wakhe ngaphakathi.
Engagculisekile ngalokhu, uNikki ube eseshayela amaphoyisa ucingo, amaphoyisa aphoqa ukuthi angene efulethini ukuze alihlole.
Abe esethola omunye wesifazane ngaphakathi, ebonakala enamahloni futhi ezama ukuzifihla ubuso kwividiyo esisabalele ezinkundleni zokuxhumana.
Ngemuva kwalesi sigameko uNikki kuthiwa upakishe izimpahla zakhe wathi uNgamaleu kumele aphume kulendlu abebehlala kuyo ndawonye.
FUNDA NALA | UMngqithi uvuma abekusaba ngo-Arubi
Kubikwa ukuthi lolu daba selufakwe ngokusemthethweni emaphoyiseni. Phezu kwale ngxabano, uNgamaleu kumele aye eqenjini lesizwe eCameroon.
ICameroon izobhekana neDR Congo ngoNovemba 13 eRabat, eMorocco kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
