
URiveiro ubona liqhakazile ikusasa kwi-Orlando Pirates
I-Orlando Pirates izobe ibheke ukubuyela emgqigqweni wokunqoba uma isibhekene neSekhukhune United.
Leli qembu laseSoweto lizokwamukela iSekhukhune emdlalweni weBetway Premiership e-Orlando Stadium. Umdlalo uqala ngo-7:30 ebusuku.
AmaBhakabhaka ahlulwe ngo 3-2 sekuhlanganiswe imiphumela yiPyramids FC kowandulela owamanqamu weCaf Champions League ngempelasonto edlule.
Bekungokokuqala i-Orlando Pirates ihlulwa kulo mkhankaso weChampions League kule sizini.
Umqeqeshi uJose Riveiro usale nemizwa exubile ngemuva kokuhlulwa eCairo ngoLwesihlanu.
Lo mqeqeshi waseSpain, ozoyishiya kwiPirates ekupheleni kwesizini, uncome abadlali abasebancane eqenjini lakhe.
“Siphatheke kabi ngomphumela, kodwa ikusasa liqhakazile,” kusho uRiveiro.
“Sinabadlali abasebancane, abaneminyaka engu-19 nengu-20 abenza kahle futhi abanomthelela omuhle eqenjini.”
Ukholwa ukuthi isipiliyoni esizuziwe sizobaluleka ekukhuleni kweqembu lwesikhathi eside esizayo.
“Abadlali bethu abasebancane bakhombisile ukuthi bakufanele ukuba kuleli zinga. Lezo yizindaba ezinhle eqenjini,” kwengeza yena.
NgoLwesithathu ebusuku umdlalo weligi uzonikeza iPirates ithuba lokugxila futhi iphushele ukungasali emjahweni wesicoco.
I-Orlando Pirates ihlezi endaweni yesibili kwilogi ngamaphuzu angu-46 emidlalweni engu-20.
Ilandela iMamelodi Sundowns ehamba phambili ngamaphuzu ayisishiyagalolunye, kodwa isanemidlalo emibili esandleni.
Ukunqoba ngoLwesithathu ebusuku kuzoyenza ingasali kakhulu kulo mjaho osekungowamaqembu amabili kuphela.
Khonamanjalo, iSekhukhune United izobe ihlose ukuphoxa e-Orlando, ifake usawoti esilondeni.
Ikhombise ukuqina kule sizini futhi ngeke kube lula kwiPirates ukuthi ithole amaphuzu amathathu.
Njengoba amaphupho eChampions League eseshabalele, i-Orlando Pirates manje isizofaka wonke amandla ayo ekunqobeni ekhaya.
Amaphuzu amathathu abalulekile uma ifuna ukuhlala ikhona embangweni wesicoco seligi.
Ukusebenza okuhle kuzosiza ukuphakamisa ukuzethemba kulandela ukuphoxeka kwangempelasonto edlule e-Egypt.
