
URapoo uveza umlayezo ka-Ouaddou koweLa Cure Waves
Umdlali wasemuva we-Orlando Pirates uNeo Rapoo useveze umyalezo umqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou abanike wona ngaphambi komdlalo neLa Cure Waves.
IPirates ishaye labo mpetha baseMauritius ngo-3-1 emlenzeni wesibili wemidlalo yesigaba sokuqala kweyokuhlunga kwiCaf Champions League e-Orlando Amstel Arena ngoMgqibelo.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi amaqembu edlale ngokulingana ngo-0-0 emlenzeni wokuqala eMauritius.
IBhakabhaka bekumele libuye kade selilandela ngemuva njengoba iLa Cure Waves ilishaye kuqala igoli ngoMgqibelo.
Kodwa yagcina iphumelele ngamagoli oKabelo Kgositsile, Kamogelo Sebelebele noYanela Mbuthuma.
Manje u-Neo Rapoo uthi u-Abdeslam Ouaddou ubebayalele ukuthi kubo yibo abashaya igoli kuqala, umdlalo usanda kuqala.
“Umqeqeshi ubesitshele ukuthi kufanele sishaye igoli emizuzwini yokuqala engu-15,” kuchaza uRapoo oqale lo mdlalo emuva kwesokukunxele.
“Ngicabanga ukuthi abafana bebegqugquzelekile ngoba sifuna ukufinyelela ezigabeni zokugcina zalo mqhudelwano.
URapoo uthi bebazi nokuthi ukudlala ekhaya kusho ukuthi abalandeli bazoba umdlali wabo weshumi nambili.
“Besazi ukuthi uma sesisekhaya sizoba nomdlali weshumi nambili, abalandeli bethu,” kuqhuba yena.
“Ngakho bekufanele siqale ngamandla, sishaye igoli kuqala bese siqhubeka nokushaya amagoli amaningi ngangokunokwenzeka.”
Uthi abadlali babenethemba lokuthi amathuba abawakhayo azogcina ekwazile ukusebenziseka kahle, abe amagoli.
“Besazi ukuthi yini okufanele siyenze. Bebengeke basishaye ekhaya,” kwengeza yena.
“Bekufanele siqhubeke nokuhlasela, sidale amathuba, futhi besazi ukuthi sizowathola amagoli.”
- FUNDA NALA | UDa Cruz ucacisa ngesimo sikaMtasingwa
IPirates manje isizobhekana ne-African Stars yaseNamibia esigabeni sesibili semidlalo yokuhlunga.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
