
Ukuqudula kwePirates ngolukaSaleng kuyaxaka
- Sibongiseni GUMBI
Indlela i-Orlando Pirates ezithulele ngayo ngokunyamalala kukaMonnapule Saleng noPatrick Maswanganyi isusa imibuzo.
Ukuthula kweqembu sekubhebhethekise ukuqagela ngesimo salaba badlali ababili eqenjini.
UMaswanganyi, oyintandokazi yabalandeli, uphuthelwe okungenani imidlalo emithathu kanto akukho okuchaziwe ngalokho.
Ubuye emdlalweni neMagesi FC, waqala ebhentshini waze wangena sekuyophela umdlalo.
Khonamanjalo, ukungabikho okuqhubekayo kukaSaleng kuseyimpicabadala.
Imibiko iveza ukuthi ubhekene nezinkinga ezithile ezithinta yena ngqo, kodwa ikilabhu ayizange isho lutho.
Umthombo osondelene neqembu uthe, “Ngeshwa, yizinto ezibhekene naye ngqo, futhi angikwazi ukudalula lokho.”
USaleng ube ngumdlali obalulekile kwiPirates ngaphansi komqeqeshi uJose Riveiro.
Lo mdlali wasesiswini ube nesandla ekuqaleni kwesizini ngaphambi kokuthi akhishwe kungazelelwe eqenjini eliqala imidlalo.
Selokhu ejoyine iPirates, uSaleng ubengumdlali ovelele. Ngesizini edlule, ushaye amagoli angu-15 wakhela ozakwabo angu-11 kuyo yonke imiqhudelwano.
Usize lezi zinkunzi zaseSoweto zaqeda isizini edlule zipethe izindebe ezimbili okwesibili kulandelana.
Kodw amanje abalandeli bakhungathekile ngokungaziswa yiqembu ngokwenzekayo ngalo mdlali.
Ukuthula kwePirates ngezinto ezinjena kuvula intuba yokuqagela okungadingekile futhi okungalimaza isimo seqembu.
Njengoba uMaswanganyi esebuyile emsebenzini, amehlo manje asephendukele esimweni sikaSaleng.
Abalandeli bamagange ukubona iPirates icacisa ngalezi zimo njengoba ihlose ukugcina umfutho emikhankasweni yayo kule sizini.
