EzintshaOrlando Pirates

URamoreboli uhlonza omunye uMofokeng ozovelela kwiPirates

Njengamanje uTefo Mofokeng ubolekiswe kwiMochudi Centre Chiefs eBotswana, lapho eseshaye khona amagoli ayisithupha emidlalweni engu-12.

Umgqigqo wakhe umtholele umklomelo woMdlali weNyanga ngoSepthemba futhi yaqinisa isithunzi sakhe njengomunye wabadlali baphambili abenza kahle kwiligi.

URamoreboli uthi isitayela sikaTefo Mofokeng siyahambelana nezidingo zomdlali wasesiswini wesimanje we-Orlando Pirates, okumenza abe ngumdlali omuhle wesikhathi esizayo.

“Uma ubuka uMofokeng, ubona kahle ukuthi yini oyilindele kumdlali wasophikweni wePirates uma engabamba lo mgqigo wakhe,” kusho uRamoreboli.

Ubekhuluma ngokukhethekile nabezindaba bakuleli abangaphansi kwenhlangano iSafja. 

Umqeqeshi weCentre Chiefs, uPontsho Moloi, naye useke wamncoma uMofokeng, wathi lo mdlali ugila izimanga kusukela eshintshe indawo adlala kuyo.

Ufike kulezi zinkunzi zaseBotswana engumdlali wasemuva kwesokudla, kodwa lo mqeqeshi wamshintsha ngokubona ikhono lakhe. 

“Ube ngumshayimagoli wethu ophambili, okufakazela ukuthi indawo yakhe entsha imfanela kangcono kunasemuva abedlala khona phambilini,” kusho uMoloi kwiFARPost.

URamoreboli ukholwa ukuthi iligi yaseBotswana iyinkundla eqinile yokuthuthukisa abadlali abasebancane baseNingizimu Afrika. 

Uphakamise ukuthi kusungulwe izindlela zokusebenzisana phakathi kwamakilabhu aseNingizimu Afrika nawaseBotswana ukuze kusizwe abadlali abanekhono bathuthuke ngempumelelo.