
URiveiro uzibona eyinqobile impi yamaqhinga ne-Al Ahly
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJosé Riveiro, uncome iqembu lakhe ngemuva kokudlala ngokulingana ne-Al Ahly kwiCaf Champions League.
La maqembu womabili adlale ngokulingana ngo 0-0 ngoMgqibelo ntambama eSoweto.
Bekuyimpi yamaqhinga phakathi kukaRiveiro noMarcel Koller we-Al Ahly.
IPirates ibe namathuba ambalwa esiwombeni sokuqala kodwa yehluleka wukushaya inethi.
Khonamanjalo, amaRed Devils aqhubekile nerekhodi lokunganqobi uma edlala eNingizimu Afrika.
URiveiro uveze ukwenelisekile ngalo mphumela yize evuma ukuthi bebengawuntshontsha umdlalo.
“Iqembu lisebenze kahle kakhulu libhekene nembangi esezingeni eliphezulu,” usho kanje uRiveiro ngemuva komdlalo.
“Sizothatha iphuzu siqhubekele phambili.”
Uwuvumile umzamo weqembu kodwa waphawula ukuthi balahle amathuba okushaya amagoli.
“Besidinga ukudala amathuba uma sihlasela. Uma ubhekene namaqembu afana nalawa, uthola ithuba elilodwa okumele ulisebenzise kahle,” kuqhuba yena.
Naphezu kwalokho, uRiveiro uzwakalise ukuziqhenya ngeqembu lakhe.
“Wonke umuntu ufake isandla, ngisho nalabo abebengekho eqenjini losuku lomdlalo. Basisizile ukuzilungiselela,” kwengeza yena.
Ngaleli phuzu, amaBhakabhaka aqhwakele kuGroup C ne-Al Ahly kodwa asendaweni yesibili ngomehluko wamagoli.
