
Unzima, kodwa uyaqwaleka umqansa obhekene neChiefs e-Egypt
Ngemuva kweminyaka embalwa ingekho ebholeni lezwekazi, iKaizer Chiefs ibuye ngamandla futhi ingase iphinde igile izimanga.
Kuyiwa emidlalweni yokugcina esigabeni samaqoqo nje – la izobhekana khona neZamalek SC – iChiefs iqhwakele kuGroup D weCaf Confederation Cup.
Lo mdlalo olindelwe ngabomvu uhlelelwe ukuqala ngo-6 ntambama kanti useSuez Canal Authority Stadium, e-Ismaila, e-Egypt ngoMgqibelo.
Kulezi ziqhwaga zaseSoweto, lona akuwona nje umdlalo; kodwa yithuba lokuphinde ikhumbuze abantu ukuthi kungani iyiqembu elikhulu ezwenikazi.
IPHUZE ELIBALULEKILE
Umsebenzi waMakhosi ulula kodwa isimo ebhekene naso yiso esizoba yinselelo kakhulu.
Ngemuva komkhankaso oqinile, iKaizer Chiefs ifike e-Egypt kuyiyo ezihola phambili kuGroup D. Nakhu okubalulekile ngalo mdlalo:
- Ukunqoba iqoqo: Ukunqoba noma ukudlala ngokulingana neWhite Knights kuzokwenza Amakhosi aqede ephezulu.
- Ukudlulela phambili: Ngisho ingahlulwa isangadlulela phambili kodwa lokho kuncike ekutheni iZesco United ingehlulwa yi-Al Masry.
- Umvuzo:Ukuqeda phezulu uqoqweni kungenza ithole iqembu elingenzima kakhulu emzuliswaneni wokuqala wesigaba somkhumulajezi.
UZITHWESA IJOKA
Amathemba eChiefs azobe ekuFlavio Da Silva. Lo mgadli weGuinea-Bissau usesheshe wakhomba ukuba ngumgadli oyaziyo into yakhe.
Njengoba esenamagoli ayisithupha kuyo yonke imiqhudelwano, akayena nje umgadli; kodwa uwulayini wokuqala sokuvika izitha.
“Nginomsebenzi wokusiza uma simaka, futhi ngiyajabula ukufaka isandla ngayo yonke indlela engingakwazi ngayo,” kusho uSilva.
“Abasithusi neze. Sinomsebenzi wethu, futhi sigxile kuphela ekutholeni umphumela esiwudingayo ukuze sidlulele phambili.”
UTHINI UMLANDO?
Sekungokwesine la maqembu etholana phezulu emidlalweni yeCaf, futhi irekhodi likhomba ukuthi zimuhluzana zize zibukane ingekho egoba uphondo.
Zaqala ukuhlagana ngo-1993 la iChiefs yanqoba khona ngo 2-1 ekhaya, yabe seyishaywa ngo 1-0 ekuhambeni.
Kodwa ke kwabe sekudlulela phambili iZamalek ngenxa yomthetho wamagoli asekuhambeni.
Kulo mkhankaso wamanje weCaf Confederation Cup, zibambane ngo 1-1 emlenzeni wokuqala la iChiefs beyisekhaya.
OKUNGEKUHLE KWICHIEFS
Njengoba u-Aden McCarthy emisiwe kwathi u-Inacio Miguel elimele, ingcindezi iChiefs iya kulo mdlalo ixhugela.
Izothembela kuGiven Msimango noZitha Kwinika ukuthi bahlakaze yonke iminyakazo yokuhlasela yeZamalek.
FUNDA NALA | Uphelelwe yindawo uShandu kwiPirates?
Kodwa uma iKaizer Chiefs ingakwazi ukuyibamba kahle emizuzwini yokuqala engu-20, izinto zingacishe ziyivune kulo mdlalo.
