
Okushiwo owePirates ngoPedersen edlala okokuqala
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, uncome umdlalo wokuqala ka-Sebastian Pedersen kuleli qembu.
IPirates izibeke ethubeni elihle lokuvikela iMTN8 ngemuva kokushaya iSekhukhune United ngo 1-0 e-Old Peter Mokaba Stadium ngoMgqibelo.
UDeon Hotto ushaye igoli elenze iPirates yanqoba umdlalo womlenze wokuqala wemidlalo eyandulela owmanqamu.
UPedersen, ongomunye wabadlali abasha abasayiniswe yiPirates kule sizini, ungene ngomzuzu ka-65.
Yize engazange athole igoli, u-Ouaddou ubonakale ejabule ngalokho akubone kulo mgadli waseNorway.
Uthe uPedersen ukhombise isifiso esikhulu sokushaya igoli ngesikhathi ethola ithuba lokudlala.
Lo mqeqeshi uphinde wamncoma ngokukwazi ukunyakaza kahle enkundleni nokuthola izikhala ezidingwa yiqembu.
“Ngicabanga ukuthi ungene enesifiso esikhulu sokushaya igoli uma ethola ithuba.
“Ujoyine umoya wokulwa weqembu,” kusho u-Ouaddou ngemuva komdlalo.
Uphinde wathi uPedersen uhlakaniphile uma esebhokisini futhi uyakwazi ukuthola izikhala ezibalulekile.
“Uyakwazi ukuya ezikhaleni esifuna ukumthola kuzo. Uyakwazi nokuthola ibhola ezikhaleni.”
Nokho, u-Ouaddou ugcizelele ukuthi u-Sebstian Pedersen kusadingeka asebenze kakhulu ukuze afike ezingeni abalidingayo kwi-Orlando Pirates.
Lo mqeqeshi uthe kubonakele ukuthi umdlali akakabi sezingeni elifanele lokuqina ngokomzimba.
Uthe ngemuva kwemizuzu engu-15 uPedersen uqalile ukukhombisa ukuthi usadinga ukusebenza kakhulu ukuze akulungele kahle ukudlala.
“Usadinga ukwandisa umsebenzi womzimba ukuze akwazi ukukhombisa ikhono lakhe futhi agqame,” kusho u-Ouaddou.
I-Orlando Pirates manje izobheka ukuthi u-Sebastian Pedersen uyaqhubeka yini nokuthuthuka njengoba ezama ukuzijwayeza impilo yebhola laseNingizimu Afrika.
- FUNDA NALA | Ziqale ngegiya eliphezulu kwiNFD
U-Ouaddou ukholwa ukuthi uma lo mgadli esefinyelele ezingeni elifanele lokuqina, uzoba nomthelela omkhulu eqenjini.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
