
UNkanyiso Zungu uyazisola ngokunyela isihlahla kwiBucs
- Intatheli yeLISENETHINI
Ngesikhathi esayinwa yi-Orlando Pirates, wayengomunye wabadlali ababebukeka beza kahle futhi bezogcina benegama ebholeni lakuleli.
Kodwa ngenxa yokuhluleka wukuziphatha, uNkanyiso Zungu wagcina exoshiwe kulezi zinkunzi zaseSoweto.
Enkundleni wayedlala kahle, futhi nabalandeli sebeqala ukumthanda ngenxa yamaphasi akhe amahle abheke phambili, nadabula udonga lwasemuva lwembangi.
Izinto zonakala uma engasekho enkundleni njengoba wayephula imigomo ethile yokuziphatha ebekwe yiqembu, laze lagcina limdedela.
Usuke lapho waya wabolekiswa kwiRichards Bay ukuyozama ukuziqoqa, abuyise nengqondo kodwa nakhona wahamba kabi ngenkinga efanayo.
Manje usekwiPretoria Callies edlala kwiMotsepe Foundation Championship futhi uzimisele ukwenza izinto ngendlela efanele.
Ekhuluma nabeFARPost, uZungu uveze ukuzisola ngokudedela ithuba elihle kangaka lokudlala kwelinye lamaqembu amakhulu selisesandleni.
“Ngiyazisola ngendlela engahamba ngayo kwiPirates ngoba babengiphethe kahle,” usho kanje.
“Ngaluthwa yizinto zangaphandle ezenza kwagcina ngokuthi balahle ithemba ngami. Yilokho engizisola kakhulu ngakho.
“Ukube ngangiyilomuntu esenginguye manje, obona izinto ngendlela engizibona ngayo, ngabe ngikude kakhulu manje.
“Angisho ukuthi ngikhalela ithuba eseladlula kodwa sengisesimweni esihle manje.”
Uvumile ukuthi wathatha udumo lokudlala eqenjini elikhulu walufaka ekhanda, wagcina esekhohlwa wumsebenzi.
“Ngicabanga ukuthi isimo engangikuso ngaleso sikhathi sasingesihle,” kuqhuba uZungu.
“Mhlawumbe ngajabula kwaze kweqa, ngagcina sengilibele ukuthi yini engiyizele eqenjini.”
Nokho manje usefundile emaphutheni akhe, wabona ukuthi ebholeni elikhokhelayo indlela yokuziphatha yiyo enquma ukuthi uba wutho noma uphelela ezeni.
“Yilokho okwenzeka kodwa manje sengiyasiqonda isimo engiphuma kuso futhi angifuni ukuphinde ngibuyele kuso.
“Yingakho ngithi manje ngiqala kabusha. Sengizishiye emuva zonke izinto ezimbi.
“Manje ngibheke ukwenza impilo yami ibe ngcono ngokugxila ebholeni.”
Lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala usedlale imidlalo eyisithupha kwiPretoria Callies kanti uhlose ukuba ngomunye wabadlali abangumgogodla weqembu.
