Carling Knockout CupEzintsha

IPirates izoba sekhaya kowamanqamu neChiefs, iPSL iqinisekisa inkundla

Sekusemthethweni! I-Orlando Pirates izoba ngosokhaya emdlalweni wamanqamu weCarling Knockout Cup la izobhekana khona neKaizer Chiefs.

Lokhu kuvele ngesikhathi kwenziwa uhlahlo lokuhlonza iqembu elizobe lisekhaya kulo mdlalo obhekwe ngabomvu.

I-PSL isiqinisekise imininingwane ebalulekile ngalo mdlalo ozoba ngomhla ka-12 kuZibandlela.

Lo mdlalo uzoba seMoses Mabhida Stadium, eThekwini kanti uzoqala ngo-3.30 ntambama.

“Umhlahlo wokukhetha iqembu lasekhaya wenziwa ukuze kutholakale iqembu elizothola amalungelo okuba ngelasekhaya.

“Kulawo malungelo kukhona kuwo nelokugqoka ijezi lasekhaya,” kusho isikhulu sePSL, uFhathuwani Mpfuni.

I-Orlando Pirates ibe nenhlanhla yokukhethwa njengeqembu elizoba sekhaya kulo mdlalo wamanqamu.

Lokhu kusho ukuthi iPirates izoba namalungelo eqembu lasekhaya, okubalwa kuwo ukugqoka ijezi layo elimnyama, uma isingena enkundleni.

Ngemuva kwezinsuku zokuqagela nokuxoxisana ngokuthi lo mdlalo uzodlalelwa eKapa noma eThekwini, sekucacile ukuthi iTheku yilona elizosingatha lo mdlalo.

IMoses Mabhida Stadium, ebisingathe umdlalo wePirates ibhekene neStellenbosch FC kowandulela owamanqamu, isizophinde ibe yinkundla yomdlalo omkhulu ozonquma ukuthi ngubani ozophakamisa indebe.

Abalandeli kufanele baqaphele ukuthi amathikithi azothengiswa kusukela ngo-10 ekuseni ngomhla ka-2 kuZibandlela, futhi azotholakala kuphela ku-Open Ticket nge-inthanethi.

Umuntu ngamunye uzovunyelwa ukuthenga amathikithi amane kuphela.