Ezintsha

IGallants ‘igabha’ ababili abaduma kwiChiefs 

Bekungakapheli sikhathi esitheni lo mdlali esayine kuleli qembu laseBloemfontein njengoba sekuvela ukuthi angase akhonjwe afike ngayo.

Yena nowayenguzakwabo kwiKaizer Chiefs, uPhathutshedzo Nange kuvela ukuthi bangabanye babadlali abangekho ezinhlelweni zomqeqeshi omusha u-Alexandre Lafitte. 

UMatsheke, ochithe isizini edlule emaqenjini amabili eMotsepe Foundation Championship iKruger United nePretoria Callies.

Ube ngomunye wabadlali abasuse isasasa ngesikhathi besayinwa yiGallants ngesikhathi ihlela kabusha iqembu layo. 

Ubejoyine kanye nabanye abadlali okukhona kubo uTeboho Motloung noSimo Luthuli. 

UNange yena ubejoyine iGallants ngesizini edlule ngemuva kokushiya iSuperSport United esihlakaziwe. 

Kodwa-ke, iFARPost ibika ukuthi lo mqeqeshi waseFrance uLafitte, ucele ukunciphisa isibalo sabadlali azosebenza nabo.

Ube eseqoka abadlali ahambe nabo ukuya ekhempini yokulungiselela isizini eNorth West, wabashiya oMatsheke noNange. 

Abanye abasalile ngoTshepo Rikhotso, uRewaldo Prins, uMbulelo Wagaba, no-Obarate Morgan, nabo okuthiwa abekho ezinhlelweni zomqeqeshi. 

Njengoba uLafitte nabanye abadlali besekhempini bezicija khona, laba abagenhla bona bajima bodwa eBloemfontein. 

Ukugajwa kwabo kulandela okwabanye abakhonjwe indlela kusanda kuphela isizini okukhona kubo uDino Ndlovu, uKamohelo Mahlatsi, noGabadinho Mhango. 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO