EzintshaKaizer Chiefs

UNabi uveza okushode kwiKaizer Chiefs ithola isibhaxu

Amakhosi ahlulwe ngo 2-0 yiRichards Bay emdlalweni weBetway Premiership eKing Zwelithini Stadium eMlazi. 

Umqeqeshi uNasreddine Nabi useveze ukuthi ukungabi naye umgadli oqatha kweKaizer Chiefs kuo mdlalo kube yinselelo enkulu. 

Lokhu kuhlulwa kubeka iChiefs kubeke amathuba eKaizer Chiefs okuqeda endaweni engaphakathi emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu engcupheni.

IRichards Bay ishaye amagoli amabili ngesiwombe sesibili. UFezile Gcaba noYanela Mbuthuma yibo ababe amaqhawe eqembu lasekhaya ngokushaya la magoli. 

IKaizer Chiefs ihlulwe kuyona eThekwini okwesibili kulandelana. Abagadli abamqoka uRanga Chivaviro noTashreeq Morris bebengekho.

UMorris akekho eqenjini ngenxa yokuthi usalimele kanti uChivaviro ushiywe ngaphandle eqenjini ngenxa yokwehlelwa yifomu.

Lo mgadli uthwale kanzima abalandeli bemhhahhameza emdlalweni obuseFNB Stadium la eshwebe khona amathuba alula. 

IKaizer Chiefs iqale kahle kulo mdlalo waseThekwini futhi yakha amathuba amahle, kodwa ingawasebenzisi ngendlela efanele. 

U-Ashley Du Preez uke wazama ngekhanda ngomzuzu ka-22, kodwa ibhola kakhe laphelela esifubeni sikanozinti. 

UPule Mmodi udedele amashodi kabili kodwa uSalim Magoola, wanqama, wawavimba lawo mabhola. 

IKaizer Chiefs yiyo ebiphethe umdlalo futhi iligcina kahle ibhola kodwa lokho akubanga namphumela njengoba ihluleke wukugqobhoza udonga lwasemuva lweRichards Bay.

UNabi uveze ukuswela umgadli omude obezoba sepbhokisini ukuze aqedele amabhola abebewagobela khona njengento ekhathaza kakhulu.

“Sidlale neqembu elihlala emuva livimbe ngabadlali abaningi ngaphakathi noma eduze kwebhokisi…

“Sizamile ukudlala ngezindlela ezehlukene futhi sigobe amabhola, kodwa besingaye umuntu omude ngokwanele ebhikisini,” kuchaza uNabi. 

“Besidinga umgadli omude futhi onamandla obengaficwa ilawo mabhola. 

“Kufanele sibongele iRichards Bay ngokunqoba kwabo abakusebenzele kanzima. Ibhola linjalo nje.”

Ukunqoba kwenyuse iRichards Bay yaya endaweni ka-11 la inamaphuzu khona angu-24. 

IChiefs yona isahlezi endaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu angu-29.