
IChiefs iqinisekisa eyokushiya kukaDove – baningi abalandelayo?
IKaizer Chiefs isikuqinisekisile ukuthi umdlali waseMozambique u-Edmilson Dove uzolishiya leli qembu uma kuphela inkontileka yakhe ekupheleni kukaJuni 2025.
Lesi simemezelo sikhishwe ngoLwesibili seliyozilahla kunina, kanti ngumdlali wesine ukudedelwa kulezi zinkunzi zaseNaturena.
Amakhosi asanda kudedela uSabelo Radebe, uRanga Chivaviro noNjabulo Blom, obuyele eqenjini lakhe lase-US.
“IKaizer Chiefs nomdlali wasemuva u-Edmilson Dove bazohlukana uma inkontileka yakhe iphela ekupheleni kukaJuni,” kumemezela iqembu.
“Sidlulisa ukubonga kwethu okusuka enhliziyweni ku-Edmilson ngamagalelo akhe ekilabhini futhi simfisela konke okuhle emizamweni yakhe yesikhathi esizayo.”
UDove ujoyine Amakhosi ngo-Agasti 2022 wadlala imidlalo engu-56 kuyo yonke imiqhudelwano kumasizini amabili, washaya amagoli amabili.Â
Lo mdlali onekhono futhi ongatatazeli, ubekwazi ukudlala emuva kwesokunxele naphakathi nendawo ngesikhathi eseNaturana.
Ukuhamba kwakhe kuwukuqhubeka kwezinhlelo zeqembu zokuhlelwa kabusha ngaphambi kwesizini ka-2025/26.
Kusekhona nabanye abadlali okubhekwe ukuba bakhonjwe abafika ngayo kuleli qembu njengoba izinhlelo ziqhubeka.
UDove uhamba nje kuke kwanemibiko ethi abaphathi bakhe sebemzamele umsebenzi emazweni aseGulf Region.
Nokho okwamanje akukho okusaqinisekisiwe ngalokho, nokuthi ngabe ubhekephi lo mdlali.
Udedelwa nje kungenzeka ukuthi iKaizer Chiefs seyithembe ukuthi seyinaye umdlali wasemuva kwesokunxele onamava.
Phela kunemibiko ethi leli qembu seliqede konke noPaseka Mako obedlala kwi-Orlando Pirates kumasizini ayisithupha edlule.
Nokho naye indaba yakhe ayikaqinisekiswa. Kodwa iPirates yona seyikuqinisekisile ukuthi lo mdlali ongasukile kangako egadeni uyashiya kuyo.
Ezinye izinguquko kuleli qembu laseNaturena zibhekwe ngabomvu njengoba kuthiwa uNasreddine Nabi ufuna ukwakha inqanawe yeqembu.
