Ezintsha

Liqoba liyavungula izembe kwiChippa, kudedelwe 18 wonke

Leli qembu elizinze e-Eastern Cape lenze lesi simemezelo ngoLwesibili ntambama ezinkundleni zokuxhumana.

Lokhu kukhombisa isiqalo esisha ngaphansi komqeqeshi osanda kuqokwa uSinethemba Badela nomqondisi weqembu uSinesipho Mali.

UBadela ujoyine i-Chippa esuka ekubeni yiphini likaRulani Mokwena kwiWydad Athletic eMorocco, kanti uMali yena ubesebenza kwiBafana Bafana.

Phakathi kwabahambayo kukhona abebebolekisiwe o-Aphele Teto, uSiphelo Baloni, noSonwabile Khumalo.

Bobathathu laba bazibuyela emaqenjini abo njengoba kuphela isikhathi sokubolekiswa kwabo.

UTeto ubuyela kwiLivingston FC edlala kwiScottish Premier League lapho eseneminyaka emibili esele enkontilekeni yakhe.

UBaloni noKhumalo bona bazobuyela ezinkunzini zaseSoweto i-Orlando Pirates lapho benezinkontileka khona.

Ukuhamba kukaJali kuphawula ukuphela kwesikhashana ekwiChilli Boys, futhi akucaci noma usazoqhubeka yini nokudlala noma uzoliyeka ibhola. 

Ukuzamazama kweqembu kuza njengoba iChippa United ilungiselela isizini ezayo ngenhloso ecacile yokwakha kabusha.

“I-Chippa United iqinisekisa ukuhamba kwabadlali ngaphambi kwesizini ka-2025/26,” sifundeka kanje isitatimende sale kilabhu.

“Singaqinisekisa ukuhamba kwabadlali abambalwa njengoba izinkontileka zabo neqembu ziphela ekupheleni kwesizini ka-2024/25.”

Isizini iphela uma kusongwa uJuni, okusho ukuthi lezi zinkontileka ziphela ngomhla ka-30. 

Kodwa basheshe baziswa ukuthi bazokhululwa ukuze babe beqala befuna amaqembu amasha abazodlala kuwo. 

Abadlali abalandelayo ngeke babe yingxenye yeqembu eliya emkhankasweni omusha:

  1. Darren Johnson
  2. Lukhanyo July
  3. Justice Chabalala
  4. Samkelo Jali
  5. Andile Jali
  6. Baraka Majogoro
  7. Athenkosi Dlala
  8. Ronald Sanou
  9. Craig Martin
  10. Ronaldo Maarman
  11. Thobani Jacobs
  12. Sifiso Mazibuko
  13. Aviwe Mqokozo
  14. Enock Sakala
  15. Bienvenu Eva Nga
  16. Aphele Teto
  17. Siphelo Baloni
  18. Sonwabile Khumalo