Ezintsha

Umqondisi noma umqeqeshi? ICity icacisa eka-Ertugral

ICape Town City isibophele umakadebona womqeqeshi, uMuhsin Ertugral, yaqeda ukuqagela ngomqeqeshi wayo olandelayo. 

ICityzens isale ingenaye umqeqeshi ngoNcibijane ngesikhathi ihlukana no-Eric Tinkler obeseneminyaka emithathu kuleli qembu. 

UManqoba Mngqithi, uBradley Carnell noBenni McCarthy bekuke kwabikwa ukuthi yibona abahamba phambili ekuthatheni lo msebenzi.

Kepha ngoLwesine ekuseni, le kilabhu ezinze eMother City iqede ukuqagela ngokumemezela u-Ertugral.

“ICape Town City kuyayijabulisa ukumemezela ukuqokwa kuka-Muhsin Ertugral njengomqondisi wezokuqeqesha wekilabhu,” sifundeka kanje isitatimende. 

“UMuhsin ufika nengcebo yesipiliyoni sebhola lasekhaya nelamazwe ngamazwe kwiphrojekthi yesikhathi esizayo yeqembu.

“Usanda kusebenza njengomeluleki wezokuqeqesha weqembu lesizwe laseTurkey okuwumsebenzi abewenza kule minyaka emine edlule.

Yize u-Ertugral ezoba ngumqondisi wezokuqeqesha kule kilabhu, uzoqala asebenze njengomqeqeshi kuze kuphele le sizini.

“UMuhsin uzongena njengomqeqeshi oyinhloko kuze kuphele isizini, kanti ujoyina abaqeqeshi beqembu lokuqala uDiogo Peral noLebogang Manyama.”

ICity kulindeleke ukuthi ithole umqeqeshi ozojoyina iqembu ngesizini ezayo ukuze aqhubeke nomsebenzi ngaphansi kokuqondisa kuka-Ertugral.