Ezintsha

Ukhonjwa kwiChippa United osanda kushiya kwelePSL

I-Chippa United kulindeleke ukuthi imqoke njengomqeqeshi wayo omusha ngaphambi kwesizini ka-2025/26 yeBetway Premiership.

U-Ouaddou ukuqinisekisile ukushiya kwakhe kwiGallants ngoLwesihlanu ngemuva kokuhluleka ukufinyelela esivumelwaneni sokuvuselelwa kwenkontileka naleli qembu. 

Lo somaqhinga waseMorocco ujoyine iGallants maphakathi nesizini futhi waba nomthelela ngokushesha.

Uyihole wayisusa endaweni yezembe futhi wacishe wayifaka kwiTop 8 njengoba iqede endaweni yeshumi kwilogi. 

Isikhathi sakhe esifushane sihlabe abaningi umxhwele ngendlela ehlelekile iqembu ebelidlala ngayo nekhono lakhe lokuvuselela iqembu ebelidonsa kanzima.

Manje, i-Chippa United ayisachithanga sikhathi, yagxuma yahlala izama ukumnxenxa ukuba eze kuyo. 

Leli qembu elizinze e-Eastern Cape alinaye umqeqeshi ngemuva kokuhlukana noThabo September ngesonto eledlule. 

Kubikwa ukuthi uSeptember ubezokwehliselwa eqenjini leDStv Diski Challenge, kodwa wanqaba, wakhetha ukushiya.

I-Chippa United inomlando omude wokushintshashintsha abaqeqeshi. 

Leli qembu selixoshe abaqeqeshi abangaphezu kuka-30 kule minyaka eyishumi edlule.

Yize konjalo, le kilabhu isalokhu inesifiso sokuvelela futhi manje ikholwa ukuthi u-Ouaddou nguye ongayifaka endleleni efanele.

“Wenze kahle kakhulu kwiGallants. Umehluko afike nawo usheshe wabonakala. 

“I-Chippa ibone ithuba lapho ededelwa yabe seyiya kuye ngokushesha,” umthombo weLisenethini usho kanje.

U-Ouaddou, owayengumdlali weqembu lesizwe laseMorocco, uqale umsebenzi wokuqeqesha ngo-2021.

Unconywa kakhulu ngokuqonda kwakhe amaqhinga esimanje nokuba ngumqeqeshi okwaziyo ukusebenzisana nanoma yiluphi uhlobo lwabadlali. 

Isikhathi sakhe kwiGallants siphawula umsebenzi wakhe wokuqala wokuqeqesha eNingizimu Afrika.

IChippa United kulindeleke ukuthi iphothule isivumelwano naye maduze.

Kulindeleke ukuthi u-Ouaddou ethulwe ngaphambi kokuthi kuqale amalungiselelo esizini ezayo ngoJulayi. 

Abalandeli bazobe bemagange ukubona ukuthi angakwazi yini ukuletha uzinzo oludingekayo ebhentshini leChilli Boys elishisayo.