EzintshaKaizer Chiefs

UMotaung ubona kukhanya phambili kwiChiefs

Umqondisi wezemidlalo kwiKaizer Chiefs, uKaizer Motaung Jnr., uncome ikhono lentsha esafufusa kule kilabhu.

Ekhuluma emcimbini waminyaka yonke wezindondo, uMotaung uzwakalise ukuziqhenya ngenqubekelaphambili yamaqembu ezinkulisa.

IChiefs ihlabe umxhwele kwiGauteng Development League (GDL), la amaqembu ayo amathathu eqede ezindaweni ezintathu eziphezulu kumaligi wawo ngokwehlukana. 

Amaligi eGDL ahlukaniswa ngeminyaka, kanti asiza ukunika amaqembu aseGauteng anezinkulisa ukuba nemidlalo yokuqinisa kahle abadlali. 

“Ikusasa libukeka liqhakazile,” kusho uMotaung. “Laba badlali abancane bayisisekelo sempumelelo yethu.”

Ikilabhu isaqhubeka nokutshala imali ezinkulisa ukuze ikhulise ithalente lesisikhathi esizayo.

“Siyaziqhenya kakhulu ngenkulisa yethu yebhola kanye nenqubekelaphambili eyenziwayo. 

“Kubalulekile ukuthi ikilabhu ibe nenkundla eqinile, okuyisikhungo sokukhulisa amakhono.

“Lokhu kuzosiza ukufaka umnyombo wokuthi kusho ukuthini ukudlalela iKaizer Chiefs.

“Ngingasho ukuthi lokho kubonakale ekuqedeni kwamaqembu ethu amathathu ezindaweni ezintathu eziphezulu. 

“Ukuncoma okukhethekile kufanele kuye kwelika-Under 13, eliqede phambili kunozakwabo kuligi yalo. 

“Izinga lebhola kanye nokuzimisela ukulwa kuze kube sekugcineni, ngisho nasezimeni ezimbi, kube kuhle ngempela kuwo wonke amazinga.

“Futhi ukuncoma okukhulu kufanele kuye kubasebenzi bamathimba abaqeqeshi bezinkulisa ngokuthuthukiswa kwentsha ngendlela eyingqayizivele. 

“Lokhu kuqhubekisela phambili ifa elicebile lokuthuthukiswa kwentsha kwiKaizer Chiefs, okubuyela esisekelweni sokwakhiwa kwale kilabhu. 

“Futhi ikhiqize abadlali abaningi abaye bazuza lukhulu bagcina beyizinkakha eminyakeni edlule. Kusigcwalisa ngesasasa ukuya phambili.”

IChiefs kubikwa ukuthi izokhuphula omunye wabadlali abasanda kuvelela kwiDStv Diski Challenge, uNaledi Hlongwane eqenjini elikhulu.