EzintshaMamelodi Sundowns

UMngqithi ‘unkonkozela’ abathi iyamhlula iSundowns

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, usezwakalise ukumangala ngabangaba ikhono lakhe lokuhola leli qembu. 

UMngqithi uthathe izintambo eChloorkop ngemuva kokushiya kukaRulani Mokwena ezinyangeni ezimbili ezedlule. 

Nguye obehola leli qembu ngesikhathi lisekhempini yokulungiselela isizini e-Austria, lapho iSundowns inqobe khona imidlalo emibili kwemihlanu. 

Nokho, ukuwashiswa ijezi kwiMTN8 esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu kumlethele ukugxekwa. 

Akukhona nje ukuthi wehlulwe yiStellenbosch FC kuyo yomibili imilenze yalo mdlalo, kodwa nendlela iqembu elidlale ngayo ayigculisanga. 

Ekhuluma ne-iDiski Times, uMngqithi uthe umangele ngendlela abantu abamamukele ngayo. 

“Yebo, ngimangele,” kusho uMngqithi. “Angicabangi ukuthi abantu abaningi kuleli bayakwazi engikwazi ukukwenza.” 

Uyivumile imibono yabantu kodwa umile ekutheni ugxile ezinhlosweni zakhe. 

“Ukukhuluma iqiniso, angazi nanokuthi bathini ngoba anginazo izinkundla zokuxhumana.

“Lokho kuyangisiza ngoba angikaze vele angikwaze ngenze izinto ngokulandela okushiwo abantu. 

“Ngihlale iqhutshwa yilokho engifuna ukukuzuza,” kuqhuba lo mqeqeshi oneminyaka engu-53.

Phezu kokugxekwa, uMngqithi usazimisele ukuqondisa iSundowns empumelelweni futhi akavumeli imibono yangaphandle ibe nomthelela endleleni yakhe.