EzintshaOrlando Pirates

Ucasha ngesithupha uJR ngekusasa kwiPirates

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uthi manje akusona isikhathi esifanele sokukhuluma ngekusasa lakhe kuleli qembu.

URiveiro uzophelelwa yinkontileka yakhe nePirates ekupheleni kwale sizini njengoba ayesayine iminyaka emithathu efika. 

Kugcwele izinsolo zokuthi lo mqeqeshi waseSpain angase ashiye kwiPirates yize ebe nempumelelo encomekayo kule minyaka ekhona.

URiveiro, osebizwa ngelikaJR kuleli qembu laseSoweto, unqobe izindebe ezinhlanu esikhathini esingaphansi kwamasizini amathathu.

Kusabhekwe ukuthi usangengeza enye noma ezimbili kulezi. IPirates isasembangweni kwiBetway Premiership, iCaf Champions League neNedbank Cup kule sizini.

Nokho kunahemuhemu athi uRiveiro usekhumbule kakhulu ekhaya futhi ufuna ukubuyela eSpain ukuze abe seduze nomndeni wakhe.

Nokushiywa kwakhe uSergio Almenara obeyiphini lakhe lokuqala kubikwa ukuthi kumgqilazile kakhulu lo mqeqeshi. 

U-Almenara wahamba naye ekhala esifanayo ukuthi ukhumbule umndeni wakhe awushiye wodwa ekhaya. 

Kodwa-ke, ekhuluma noRobert Marawa kwiMarawa Sports Worldwide, uRiveiro uvele wawuvika umbuzo ngekusasa lakhe.

Ubebuzwe ukuthi ngabe zithini izinhloso zakhe uma kuphela isizini, ngabe uzohlala aqhubeke nomsebenzi wakhe noma uzolibeka phansi ijoka. 

“Kungumbuzo omuhle, obalulekile cishe kubantu abaningi,” uwuphendule kanje lo mbuzo uJR.

“Ngizokunikeza impendulo evamile, okungukuthi ngiyaxolisa ukukudumaza futhi ngidumaze nabalaleli bakho.

“Kodwa njengamanje, sisenkathini ebaluleke kakhulu yesizini. Siphakathi nenyanga yesihlanu yesizini… asikho ngisho kuhhafu wesizini.

“Inkontileka yami yamanje iyaphela ngempela futhi mhlawumbe kuzoba nesikhashana lapho sizohlala phansi sikhulume ngesimo sami senkontileka.

“Ake silinde sibone ukuthi kwenzekani ngemuva kwalokho. Kodwa njengoba silazi ibhola, ngeke wazi ukuthi kuzokwenzekani ngekusasa,” kwengeza uRiveiro.

URiveiro uke wanikwa ikhefu kwiPirates ngewindi elidlule lemidlalo yeFifa ukuthi ayichitha isikhathi nomndeni wakhe eSpain.