EzintshaMamelodi Sundowns

UMngqithi ubalula okwenze iDowns isindwe yizinyawo

Iwuqale ngegiya elingathembisi iMamelodi Sundowns umkhankaso wayo kwiCaf Champions League, kucaca ukuthi isasindwa yihlazo langempelasonto.

ISundowns ibambane ngo 0-0 emdlalweni wayo wokuqala esigabeni samaqoqo ngoLwesibili ebusuku – beyibhekene neSt Madiema Union yaseDR Congo. 

Beyiye kulo mdlalo ivele inenxeba elisavuza, ebilivulwe yiMagesi FC eyishaye ngo 2-1 emdlalweni wamanqamu weCarling Knockout ngempelasonto.

Lo mphumela wangempelasonto ufake ingcindezi kwiSuddowns, wenza kudingeke ivuke izithathe ngokushesha.

Kodwa yize izame konke, ifice iMadiema ethathe izifundo kwiMagesi ngokuthi uyivimba kanjani iSundowns ukuze ingalitholi igoli. 

Nayo iSundowns kuke kwanezikhathi la ivike khona ucelemba ngezandla ezaseDRC zisho ukuyiqeda.

Kodwa umdlalo ugcine uphele zibambene, ingekho egobe uphondo okuwumphumela ongemuhle kwiSundowns. 

Ekhuluma ngemuva komdlalo, umqeqeshi, uManqoba Mngqithi ukhombise ukungakhathazeki kangako.

“Mhlawumbe wena ungathi akusona isiqalo esihle lesi,” kusho uMngqithi ngemuva komdlalo. “Kodwa uma uzobheka ukuthi kudingeke ukuthi sibashiye ngaphandle abanye babadlali bethu abajwayele ukudlala ngoba bekhathele.

“Bebengeke bakwazi ukudlala imidlalo emibili enzima kulandelana njengoba bebedlale nakwiBafana Bafana.

“Ngasekupheleni komdlalo, umbonile uTeboho Mokoena ubesekhombisa ukuthi uyakhathala.”

Uthe noma kunjalo, ngeke bacashe ngalokho ngoba uyazi bekumele benze kangcono kulo mdlalo.

“Siyazi bekumele futhi besingenza kangcono, sishaye amagoli amaningi kodwa ngeshwa ebholeni kwesinye isikhathi kumele wamukele ukuthi abadlali benze okusemandleni.”

ISundowns ikuGroup B neManiema, iRaja Casablanca ne-AS FAR Rabat. IRaja ne-AS FAR bazodlala ngo-9 ebusuku ngawo uLwesibili.