Betway PremEzintsha

Selikhalile izembe komunye umqeqeshi kwiBetway Premiership

Sekuphindile lokho – sekunomqeqeshi wesibili kwi-Betway Premiership osedliwe yizembe ngemuva kwemidlalo embalwa iligi iqalile.

Izembe liqale ngoCedric Kaze oxoshwe yiSekhukhune United ngesonto elidlule.

Manje iMarumo Gallants nayo seyikuqinisekisile ukuthi seyihlukene nomqeqeshi uPhuti Mohafe nephini abefike nalo uMusa Bilankulu.

“IMarumo Gallants iyaqinisekisa ukuthi seyihlukanisile nomqeqeshi uPhuti Mohafe nephini lakhe uMusa Bilankulu, ngokushesha. 

“Iqembu ngeke liphawule kabanzi ngezizathu eziholele kulesi sinqumo noma lingene ezimpikiswaneni ngaso,” kusho iqembu esitatimendeni.

Ngokwesitatimende seqembu, uTrevor Mathiane, obeyiphini lesibili, uzobamba kulo msebenzi ngenkathi kuqhubeka ukufunwa komqeqeshi omusha.

“Okwamanje, iphini lesibili uTrevor Mathiane uzothatha izintambo njengomqeqeshi wesikhashana.

“Ngaleyo nkathi, ikilabhu izobe iqhubeka nokufuna umqeqeshi omusha.”

Le kilabhu ithi izogxila ekuqhubekeni nokuhambisana nokulungiselela imidlalo esele kule sizini.

“IMarumo Gallants izogxila ekuqinisekiseni ukuqhubeka kweqembu nasekuqhubekiseleni phambili amalungiselelo nezibopho zalo kuze kube sekupheleni kwesizini.”

Ngaphezu kwalokho, iGallants iqinisekisile ukuthi isithole abadlali ababili uDaniel Msendami no-Abdoulaye Mariko ngokubolekwa kwi-Orlando Pirates.

Iphinde yaqinisekia nokuhamba kukaBheki Mabuza osejoyine amaBhakabhaka ngokugcwele.

“Iqembu liqinisekisa ukuthi selizuze uDaniel Msendami no-Abdoulaye Mariko ngokubolekwa yi-Orlando Pirates, kulandela ukuhamba kukaBheki Mabuza ojoyine iPirates.”

Iqembu libonge abalandeli, ozakwabo kanye nabaxhasi ngokubeseka kwabo.

“Ikilabhu ibonga abalandeli bayo, ozakwabo nabaxhasi ngokuqhubeka nokuseseka, futhi izohlinzeka ngemininingwane emisha ngesikhathi esifanele.”

Lokhu kushiya iGallants ibhekene nesikhathi esibalulekile sokuzinza nokwakha kabusha iqembu. 

IGallants ihlukana nomqeqeshi nje ihlezi endaweni ka-15 kwilogi ye-Betway Premiership kanti inamaphuzu amabili ngemuva kwemidlalo emihlanu.