Ezintsha

UMngqithi akawuvali umlomo ngo‘Doctor Khumalo’ omusha

Indlela akholelwa ngayo kuNtuthuko Khumalo oneminyaka engu-17 ubudala, uze amfanise noDoctor “16V” Khumalo wodumo kwiKaizer Chiefs neBafana Bafana. 

Uphinde athi uma uNtuthuko Khumalo engekho phesheya kwezilwandle eminyakeni emithathu, kuyomele ahlolwe odokotela bengqondo.

UMngqithi uthi kobe kusho ukuthi kukhona okungahambi kahle ekhanda lakhe uma lo mfanyana engekho phesheya ngaleso sikhathi amkalele sona.

Lo mqeqeshi obekwiMamelodi Sundowns kule minyaka engaphezu kweyishumi edlule, ukugcizelele ukuthi uzibophezele kwi-Arrows.

Uthi ufuna ukuyibuyisela ekubeni yiqembu eyayiyilo ngaphambi kokuthi ayishiye – iqembu elidlala ibhola elijabulisa abalandeli. 

Ekhuluma ngesikhathi kwethulwa iBetway Premiership kuleli sonto, uMngqithi ukugcizelele ukuthi ezakhe zizoba yiqembu wonke umuntu ozokuthokozela ukulibuka.

Futhi uthembisa ukwethula umdlali ozohlanyisa izihlwele njalo uma ephethe ibhola kuKhumalo, athi umkhumbuza u-16V.

“Ngithole umfana oneminyaka engu-17 enizothanda ukumbuka kule sizini,” kusho uMngqithi.

“Uma esekhona kwi-Arrows kumasizini angaphezu kwamathathu engayi phesheya kwezilwandle, ngizothi kukhona okungahambi kahle ebuchosheni bami.

“Ungumdlali okhethekile. Ngingakutshela ngingesabi ukuthi unethalente elimangalisayo.” 

UNtuthuko Khumalo uyingxenye yabadlali abalandwe nguMngqithi eqenjini elisha leMotsepe Foundation Championship, iMidlands Wanderers. 

Uthi inhloso yakhe wukwakha kabusha i-Arrows ngabadlali abasebancane abanamandla nendlala yokuzuza izinto ezinkulu.

“Ngisayine mhlawumbe abadlali abahlanu abangaphansi kweminyaka engu-21 kwiMidlands, futhi uyedwa kuphela oneminyaka engu-24…

“Futhi kuzenzekele nje ukuthi uNtuthuko ungowakwaKhumalo… ungikhumbuza ngoDctor Khumalo okwangempela, yena uyashesha kancane.

“Ungumdlali othokozisayo, futhi ngikholwe, uzokuthanda ozokubona kuye.

“Mayelana nokuthi kwenzekani ngemiphumela nelogi, angazi… kodwa ngikholwe, sizoba yiqembu okuthokozelekayo ukulibuka.”

FUNDA NALA | Usuthu lucathanyelwa inkinga yonozinti zisuka nje

Abalandeli bazothola ukubona okokuqala leli qembu le-Arrows ngoMgqibelo ebusuku lapho lihlangana neSiwele FC esanda kusungulwa.

La maqembu azohlangana emdlalweni weBetway Premiership eDr Molemela Stadium eBloemfontein – umdlalo uzoqala ngo-8 ebusuku. 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO