EzintshaOrlando Pirates

Ungene ezintangeni oweChippa ngoKwayiba okhonjwa kwiBucs

Lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala umataniswa kakhulu ne-Orlando Pirates okuthiwa uzobe edlala kuyo ngesizini ezayo.

Ekuqaleni kwalo nyaka kubikwe ukuthi la makilabhu womabili – iChippa nePirates – afinyelele esivumelwaneni sokudayiselana ngoSinoxolo Kwayiba. 

Kodwa asikho isiqinisekiso esisemthethweni esisenziwe yilamaqembu. 

Lo mgadli weBafana Bafana, ohlabe umxhwele ngendlela adlale ngayo kule sizini, kusaqhubeka ukuqagela ngekusasa lakhe.

Ekhuluma kwiSports Night Amplified, uMali uvumile ukuthi ikilabhu isaphothula izinhlelo zayongabadlali.

“Sisasebenza eqenjini lamanje futhi sizokwenza izincomo ngesikhathi esifanele,” kusho uMali. 

“Futhi-ke, uhlaka lweqembu, aluyona imfihlo — siyikilabhu ebadayisayo abadlali. 

“Ngakho iwindi lihlezi livuliwe. Kodwa zonke lezo zinto zizovela ngokuhamba kwesikhathi.”

Ngesikhathi ebuzwa ngqo ukuthi ngabe uSinoxolo Kwayiba usazoba kwiChippa ngesizini ezayo, uMali ucashe ngesithupha. 

“Okwamanje usesekhempini yeBafana Bafana. Kwamina angikalubeki unyawo lwami e-Eastern Cape. 

“Kodwa njengoba isikhathi sihamba, izinto zizozivelela ngokwazo,” kuqhuba le nsizwa eke yasebenza kwiKaizer Chiefs.

Uqhubekile wacacisa ngohambo lukaKwayiba, walusebenzisa njengesibonelo sendlela iqembu elenza ngayo ibhizinisi. 

“UKwayiba ubedlalela iPretoria Callies ngaphambi kokujoyina iChippa. Ngenxa yemodeli yeqembu, kuyohlale kunentshisekelo. 

“Siyikilabhu ethengisayo, iwindi livuliwe, ngakho lawo mathuba ahlezi ekhona.”

Njengoba sekusondele iwindi lokudayiselana ngabadlali, kubukeka sengathi akusesikhathi esitheni kucace ngekusasa likaSinoxolo Kwayiba.

 Futhi njengamanje zonke izimpawu zikhomba ukuthi uzobe egijima kwiPirates ngesizini ezayo.