
Feutmba: IChiefs isekude kakhulu kwiDowns neBucs
- Alfred NGUBANE
Enye yezinkakha ezihlonishwayo ebholeni lakuleli ngenxa yebhola elinenkosi phakathi eyayilidlala, uRoger Feutmba, ibona iKaizer Chiefs iza kahle.
Le nsizwa eyayidlala kwiMamelodi Sundowns ithi Amakhosi ayahlangana impela ngaphansi kukaNasreddine Nabi.
Kodwa uthi ukuyifanisa noma ukuyibeka ezingeni leMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates kuwukulima ngamehlo.
Ekhuluma neLisenethini kuleli sonto, uFeutmba, odabuka eCameroon, uthe kusazomele isebenze kakhulu iChiefs ukufika ezingeni lokumelana neSundowns nePirates.
“IKaizer Chiefs njengamanje ngeke imelane neMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates,” kusho yena.
“Kodwa ukhona umehluko kuyona njengoba isiqeqeshwa nguNaraddine Nabi nje manje.
“Kuzomele iKaizer Chiefs ithenge abadlali okungenani abathathu ngewimdi lokuhwebelana ngabadlali ngoJanuwari ukuze ibe sezingeni elifanele.”
UFeutmba uyavuma ukuthi kule minyaka eyishumi edlule iChiefs iyaqala ukudlala njengeqembu njengoba isingaphansi kukaNabi.
UNabi usanda kuphumela obala ukuthi ufuna umgadli ovuthayo eSouth America ngoba lapha e-Afrika abekho abagadli abayingozi.
IKaizer Chiefs isidlale imidlalo emithathu yeBetway Premiership yanqoba kwiMarumo Gallants ngo 2-1, AmaZulu FC ngo 3-1, yahlulwa yiSundowns ngo 2-1.
