
Umgadli ushiya i-Orbit ngoba ufuna “ukuthula”
Kubukeka sengathi sibi isimo eqenjini elisanda kunyukela kwiBetway Premiership, i-Orbit College.
Leli qembu lisanda kuba sezindabeni ngenxa yamazwi alumelayo akulunywa ngumqeqeshi walo ngoMonnapule Saleng.
Sekuthe isabhula lowo mlilo, kwabe sekuqubuka omunye njengoba omunye wabadlali bayo eseqoke ukuyishiya ekhala ngempatho.
ULetsie Koapeng ukuqinisekisile ukushiya kwakhe kwi-Orbit College, ekhipha isitatimense esishaqise abalandeli baleli qembu ababizwa ngeMswenko Nation.
Umlayezo wakhe wokuvalelisa uwushicilele ku-Instagram, kanti ushiye abalandeli benemibuzo eminingi kunezimpendulo.
Isitatimende salo mgadli esidlangalaleni, siveze “ushintsho olungeluhle” lwangaphakathi eqenjini lwakamuva, siphakamisa ukuthi kungenzeka kuke nokungezwani okugcine kuholele ekushiyeni kwakhe.
“Kwesinye isikhathi izinqumo ezinzima yilezo ozenzela ukuthula kwakho,” kubhala uKoapeng.
Lokhu kuveze ngokusobala ukuthi inhlalo yakhe beyingaseyinhle kuleli qembu laseNorth West kanti yena uyibeka phambili.
Lesi sitatimende, esiyingxube yokubonga okusuka enhliziyweni nokukhungatheka okucashile, siqinisekisa ukuthi ukuhamba kwakhe bekungekuhle.
Uxolisile kubalandeli abangase bazizwe “benzelwe phansi” futhi waveza ukuthi ufisa ngabe izinto “zenzeke ngendlela ehlukile”.
Naphezu komunyu wokuphuma kwakhe, uKoapeng ushiye inothi eliphezulu, ecabanga ngomlando awenze nozakwabo.
Ube nomthelela omkhulu kuleli qembu ngesizini edlule kanti amagoli akhe asize ukuthi lingene emidlalweni yokuhlunga ekupheleni kwesizini.
Libe seliyinqoba imidlalo yokuhlunga, lagcina linyukele esigabeni esikhulu lisuka kwesokuqala.
“Siqophe umlando omuhle ndawonye! Ngiyohlala ngiziqhenya ngalokho,” kuqhuba yena.
Ube eseebonga ithimba labaqeqeshi nabasekelayo “ngenkolelo yabo engenamkhawulu” kuye.
Nakuba engazange adalule imininingwane yokuhamba kwakhe, amazwi akhe akhuluma kakhulu ngesinqumo esinzima obekumele asithathe.
Isikhathi sakhe kwi-Orbit College, lapho athi “ukujabulele ukudlala ibhola lami elihle kakhulu” manje sekuyisahluko esivaliwe.
Uhambe ephakamise ukuthi kungoba efuna ukuthola ukuthula empilweni nasemsebenzini wakhe.
FUNDA NALA | IPirates ichithe ebelifuna uMofokeng ngezizumbulu
Iqembu kuzomele liqhubekele phambili ngaphandle kwakhe, futhi lokhu kuyisikhumbu kubalandeli.
Kuyisikhumbuzo esibuhlungu ukuthi ngisho nobudlelwano oqine kangakanani buyaphela uma ingcindezi iba namandla kakhulu.
I-Orbit College isazokwenza isimemezelo ngokuhamba kwakhe futhi imizamo yokuthola ukucaciseleka okwengeziwe kuye ayiphumelelanga.
