Ezintsha

UMBONO: I-VAR iwuphahla oluhle endlini engenazo izindonga eziqinile

Ubiza ngokunqoba nempumelelo ephezulu ethuthukisa ibhola lakuleli.

Kodwa ebholeni laseNingizimu Afrika kuzwakala njengento yokusihuha nje. 

Sizithandela amakhamera obuchwepheshe obuphezulu. Kodwa izingane zethu azinandawo yokudlala.

INingizimu Afrika ayinayo neyodwa iNational Youth League. Akukho Under 13. Akukho Under 17. Akukho lutho.

Isifundazwe esisodwa kuphela esisebenzayo emazingeni aphansi. IGauteng Development League (GDL) ifana nesiqhingi. 

Uma uhlala eLimpopo, awubonakali. Uma uhlala eMpumalanga Kapa, iphupho lakho lifile.

Bheka imephu yokwehluleka kwethu:

  • IWestern Cape: Isifunda esisodwa kuphela esineligi yentsha.
  • IMpumalanga: Isifunda esisodwa (Ehlanzeni) esineligi ka-Under 17.
  • Okunye: Izinhlangano zebhola lendawo (Local Football Associations) zibulawa yindlala. Ezinye azinawo nhlobo amaligi.

Pho silindele kanjani ukuncintisana nomhlaba? Umhlaba utshala imali emazingeni aphansi. 

Thina sitshala imali kwi-VAR ezosebenza esigabeni sebhola sabantu abavele bazimele kahle.

Umsebenzi kahulumeni ucacile: kumele aqinisekise ukuthi zonke izindawo zinezinsiza ezifanele zezemidlalo.

Ibhola emhlabeni wonke linqotshwa kusukela ezinhlakeni eziphansi. 

Lisetshenzwa kusukela ezigabeni zabadlali abaneminyaka eyishumi, hhayi nge-VAR. 

Lesi samba esingu-R80 million kaMcKenzie singaxhasa izinhlaka zentsha kuzo zonke izifundazwe. 

Kunalokho, izosebenza “ukulungisa” amaphutha onompempe esigabeni sebhola elikhokhelayo kwiPSL.

Ukulungisa izinto kuqala ekhaya. Akuqali “ngesheke elivulekile” eliyosiza uhlaka olunemali eyanele ukuzisiza ngokwalo.

Asidingi isikrini se-VAR ukuthi sisitshele ukuthi yini engalungile ebholeni lethu. 

Sidinga iNational Youth League ezodlalwa kuzo zonke izifundazwe eziyisishiyagalolunye. 

Sidinga izinkundla, amabhola, nemiqhudelwano ehelekile. I-VAR iwubukhazikhazi bokusiveza njengezwe elikhulu ebholeni.

Kodwa iqiniso wukuthi ifihla iqiniso langempela ngathi. Ukuthuthukiswa kwezinhlaka zentsha yisidingo esikhulu ezweni. 

Kuze kube yilapho silungisa isisekelo sendlu, uphahla olucwebezelayo aluzusisiza ngalutho. 

Umhlaba uyaqhubeka. INingizimu Afrika izobukeka iyinhle ngokuba nalolu hlelo olusiza onompempe. 

Kodwa-ke angisho ukuthi i-VAR ayidingekile. Ukuthi nje akumele kube kube yiyo uhulumeni azigqaja ngayo uma ingekho intuthuko yangempela eyenzekayo.

Yingakho izikhungo zokuthuthulisa amakhono ezingombombayi zanda ezweni lonke.

Kulabo qhibukhowe bezikhungo, abazali baphoqeleka ukuthi bakhokhele ukuthuthukiswa kwezingane zabo. 

Kodwa ngapha sixhishwa nge-VAR, kuthiwa kumele sisukume sishaye izandla, sithi ibhola lethu libheke phambili. 

Kuyokhohliswa bona abangazi. Lezi ezinathi aziyingeni leyo ngoba yinto engekho, eyakhela ungqongqoshe ‘udumo’ olungasisizi ngalutho.