Bafana BafanaEzintsha

UBroos ucacisa ngekusasa lakhe kwiBafana Bafana

Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, useqinisekisile ukuthi uzowushiya umsebenzi wokuqeqesha iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika ngemuva kweminyaka emihlanu egcwele impumelelo.

Lo mqeqeshi waseBelgium oneminyaka engu-74 uveze lesi sinqumo engxoxweni abe nayo nephephandaba laseBelgium, iVoetbalnieuws, lapho ethe isikhathi sakhe neBafana sesiphelile.

UBroos ushiya iBafana njengomqeqeshi osehlale isikhathi eside kunabo bonke emlandweni weqembu. 

Waqashwa ngoJuni ka-2021, waqala umsebenzi wokwakha iqembu elaqhubeka laba ngelinye lamaqembu aqinile e-Afrika.

Impumelelo yakhe enkulu kube ukuhola iBafana yafinyelela emzuliswaneni womkhumulajezi kwiNdebe yoMhlaba okokuqala emlandweni webhola laseNingizimu Afrika.

Ngaphandle kwalokho, u-Hugo Broos uhole i-Bafana Bafana ukuthi ifinyelele kabili kulandelana kwi-Africa Cup of Nations, yaphinde yawina indondo yethusi emqhudelwaneni ka-2023 owawubanjelwe e-Ivory Coast.

Ukuhamba kukaBroos kusho ukuthi iSafa kuzomele isheshe iqede uhlelo lokuqasha umqeqeshi omusha ngaphambi kokuthi kuqale imidlalo yokuhlungela i-Afcon ka-2027 ngoMandulo.

UNgqongqoshe wezemidlalo, uGayton McKenzie, useke waveza ukuthi ufuna uPitso Mosimane kube nguyena ozothatha izintambo ku-Hugo Broos kwi-Bafana Bafana.