UVilakazi uchitha eyokucuthela umsebenzi kaCijimpi
- Intatheli yeLISENETHINI
Umqeqeshi wenkulisa yaMaZulu FC, uVusumuzi “Kanu” Vilakazi usekhulume ngamahlebezi okuthi ulethelwe ukuzothatha umsebeniz uPablo Franco Martin.
Ukufika kwakhe Osuthwini kususe amahlebezi okuthi kucushiswe ngaye ukuthi azothatha uma uMartin ehluleka eqenjini elikhulu.
UVilakazi ukuvumile ukuthi unesifiso sokubuyela kwiPremiership njengomqeqeshi, kodwa wakugcizelela ukuthi okwamanje usagxile ekuholeni iqembu leDDC.
Ngesikhathi kuqhubeka ukuqagela ngekusasa likaMartin, uVilakazi uvumile ukuthi abantu banelungelo lokuveza imibono yabo.
Nokho, ugcizelele ukuthi indima yakhe okwamanje iseqenjini leDDC futhi uzimisele kulowo msebenzi.
Ngokubika kweSportswire, uMartin unengcindezi enkulu kule sizini.
AmaZulu ahlulekile ukuqeda kwiTop 8 amasizini amabili elandelana nokuyinto engamukelekile kuleli qembu.
Kunamahlebezi okuthi uMartin unikezwe imidlalo emihlanu yokuvula kwiBetway Premiership ukuthi avikele umsebenzi wakhe.
Ebuzwa ngala mahlebezi uVilakazi uphendule wathi, “Abantu banenkululeko yokukhuluma.
“Futhi bangasho noma yini abayifisayo. Kodwa mina ngigxile emsebenzini wami ne-DDC.”
UVilakazi uqashwe AmaZulu ngemuva kokushiya kwiRichards Bay kungazelele muntu.
Ubesanda kusayina inkontileka entsha kulandela ukuthi esize leli qembu lingadliwa yizembe, elivikisa kweyokuhlunga.
IRichards Bay yaqoka uBrandon Truter esikhundleni sikaVilakazi ngemuva kokwehluleka ukuthola uRulani Mokwena.