EzintshaKaizer Chiefs

UMasilela akamboni kahle uShinga ‘ofaniswa naye’ kwiChiefs

Le nkinga yokungabi naye umdlali oqinile emuva kwesokunxele sekunesikhathi ikhona kuleli qembu laseNaturena. 

UBradley Cross, onsayinwe ngesizini edlule ukuzosimamisa le ndawo, uhlulekile ukuyivala kahle ngendlela obekubhekwe ngayo. 

U-Edmilson Dove naye akakwazanga ukuqinisa kule ndawo ebingezinye leli qembu ebelibutaha kuzo lize liqeda ngaphandle kweTop 8 ngesizini edlule. 

Manje njengoba sekusondele umkhankaso omusha, iKaizer Chiefs isayinise uPaseka Mako obekwi-Orlando Pirates, noNkanyiso Shinga — bobabili abathathwa njengezixazululo. 

Nokho uMako akazange abe yingxenye yohambo lwaseNetherlands la iqembu belilungiselela khona isizini ngenxa yokulimala.

Lokhu kulimala kwakhe kubikwa ukuthi wakuthola ezinsukwini zakhe zokuqala eNaturena kodwa iqembu belingakasho lutho ngakho.

UShinga yena udlalile emidlalaweni yokuzizwa amandla yeChiefs ngesikhathi iseNetherlands kulamasonto amabili edlule.

Nokho akazange akhombise ukuqina ngokwanele futhi inkakha yeKaizer Chiefs, uTsepo Masilela, uveze ukungagculiseki kwakhe ngaye.

UMasilela naye wayedlala le ndawo kuMakhosi futhi abalandeli sebefanise indlela adlala ngayo uShinga neyakhe.

“Uma ngikhuluma iqiniso, uma ngibheka uShinga – ungumdlali omuhle yena – kodwa uma kuziwa ekumakeni emuva, kusenokungabaza ngaye,” kusho uMasilela kwiSoccerBeat. 

“Ngisho nangesikhathi bengenelwa yigoli lesibili bedlala neFC Twente, wahluleka imbangi iqondene naye ngqo. 

“Njengomdlali wasemuva, lowo ngumsebenzi wakhe — kumele aphume phambili ezimweni ezinjalo.”

Yize uShinga ekhombise ukuzola, uMasilela uzwakalise ukukhathazeka ngokungena kwakhe ngaphakathi uma behlasela. 

Ukholwa ukuthi lokhu kuphazamisa uhlaka lweqembu ngoba kwenza abadlali abahlaselayo badideke ngokumele bakwenze.

“Yena muhle uma esebholeni, impela, kodwa angikaneliseki ngaye. Akayena uMarcelo uma kuhlaselwa,” kwengeza uMasilela.

Njengoba le ndawo ibukeka iseyinkinga, umqeqeshi uNasreddine Nabi uzame noReeve Frosler kuyo emidlalweni abayidlale eNetherlands.

Lokhu kuveze ngokusobala ukuthi le ndawo isaqhubeka nokumphathisa ngekhanda uNabikuMakhosi.

Ngaphandle kokuthi uMako alulame ngokushesha noma uShinga azijwayeze ukumaka, iKaizer Chiefs ingase iphinde izithole isenkingeni kwesokunxele emuva.

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO