EzintshaOrlando Pirates

UMalesela ucebisa iPirates ngokumele ikwenze ngoMashiloane

Nokho uyavuma ukuthi usafana nedayimane elisadinga ukupholishwa kahle ukuze libenyezele kahle, liveze bonke ubuhle balo.

UMashiloane ungomunye wabadlali abasayine kwiPirates njengoba beyivuselela kabusha iqembu layo ngesikhathi kuvalwe isizini. 

Phakathi kwabadlali abanamagama kwiBetway Premiership, nguye obengaziwa kangako kodwa ubukeka enza kahle njengoba umqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou emethemba.

Emidlalweni emine esidlalwe yiPirates, uMashiloane usedlale emibili – nokho akazange enze ngendlela ebingamenza athandwe ngabalandeli.

Yize ekwazi ukunyuka eyosiza uma kuhlaselwa, indlela agoba ngayo ibhola ayigculisi futhi noma behlaselwa ngamabhola aphezulu akakwazi ukubhekana nawo.

UMalesela uyakuvuma ukuthi uMashiloane – oneminyaka engu-23 ubudala – kukhona la asadinga ukulungiswa khona.

“Uma uqala uhambo olusha, abantu babhekisisa konke okwenzayo,” kusho uMalesela kwiKickOff

“Abadlali babangcono ngokuthi badlale njalo, futhi kwesinye isikhathi siyashesha ukubasola ngaphandle kokubanika isikhathi.”

Ube esekuveza ukuthi ukubhekana namabhola agotshiwe afakwa ebhokisini yinto ethanda ukumdida vele uMashiloane. 

“Sengike ngakusho lokhu phambilini, inkinga eyodwa anayo uTshepo wukubhekana namabhola agotshiwe,” kuqhuba uMalesela.

“Leyo yinto ebiyinkinga nangesikhathi ekithi. Udinga ukuphucula ukufunda kwakhe umdlalo. Ngale kwalokho, ungumdllali omuhle.

“Abantu akumele baxine ukujaja, kumele banike abanye ithuba. Akekho oqala umsebenzi omusha esazi konke. Sidinga isikhathi sokujwayela. 

“Nginxusa nabadlali abadala kwiPirates ukuthi bamelekelele ngokumeluleka nokumbonisa ukuthi izinto zenziwa kanjani ekilabhini. 

“Okuhle wukuthi ukwehluleka ukumaka uma kunamabhola agotshiwe yinto angafundiseka ngayo futhi agcine eseyenza kahle.” 

UMashiloane akazange adlale iPirates ibhekene neMamelodi Sundowns ngoMgqibelo njengoba umqeqeshi ebuyisele uDeano Van Rooyen emuva kwesokudla. 

Nokho kungenzeka aphinde amzame uma sebebhekene neStellenbosch emdlalweni weligi ngoLwesithathu ebusuku.