EzintshaKaizer Chiefs

UMakaab uphawula ‘ngokucwasa’ iChiefs ngabadlali bakhe

Le menenja yabadlali ayiyinhle kubalandeli beKaizer Chiefs kulezi zinsuku kulandela ‘ukubanunusela’ kwakhe ngoSipho Mbule.

Kodwa yena uyakuphika lokhu, futhi usekubeke kwacaca ukuthi akasoze asebenzisa amaqhinga angasile ukuze ahlohle iqembu elithile ukuthi lisheshe lisayina umdlali wakhe.

Le menenja ehlonishwayo isanda kusolwa ngokusebenzisa iKaizer Chiefs ukwenza i-Orlando Pirates isheshise isinqumo sayo sokusayina uSipho Mbule. 

UMike Makaab uphendule umlandeli wakhe ezinkundleni zokuxhumana waqinisekisa ukuthi unikeze iKaizer Chiefs ithuba lokusayina uMbule. 

Ngemuva kwesivunguvungu ezinkundleni zokuxhumana mayelana nala mazwi akhe, uMakaab uxolisile kwiChiefs, wabe esethatha ikhefu ku-X.

Futhi manje ekhuluma kwi-Extra Time yeGagasi FM ngoLwesihlanu, uchaze ukuthi usebenzisana kanjani namakilabhu – uthi kuye ayafana wonke. 

“Le ndaba yokwakha lo mbono oyiphutha mayelana nokuthi ngisebenzisana kannjani neMamelodi Sundonws ngendlela ethile,  bese ngiba nenye engisebenzisana ngayo neKaizer Chiefs… 

“I-Orlando Pirates inndlela ehlukile… ISekhukhune United ngenye indlela – ayilona neze iqiniso,” kusho uMakaab.

“Into eyodwa engingeke ngiyenze – futhi sengike ngasolwa ngalokhu – ukuthatha umdlali bese ngizama ukumdayisa ngokuthi ngithi ufunwa elinye iqembu ukuze athole enye iklabhu enentshisekelo. 

“Iqiniso wukuthi, vele besikhuluma namakilabhu ambalwa. Yebo beyikhona intshisekelo ngaye.”

Ukuphawula kukaMakaab mayelana nokunikezwa kweChiefs ithuba lokusayina uMbule kwenza abalandeli bayo bajabula kakhulu.

Abanye base beqalile bembona ngamehlo engqondo lo mdlali onekhono elihle kangaka egijima eqenjini labo.

Kodwa basale benkemile futhi bengakholwa kuleli sonto ngesikhathi i-Orlando Pirates imemezela uMbule njengomdlali wayo omusha.

UMakaab uthi akawaphoqi amaqembu ngomdlali, futhi amakilabhu azithathela ezawo izinqumo ezingasekelwe ekutheni umdlali uthandwa kangakanani ngabalandeli bawo.

“Ngizokusho lokhu – futhi ngizokusho okokugcina manje – amakilabhu anelungelo lokuthatha izinqumo ezingasekelwe ekutheni yini efunwa abathile.

“Alikho iqembu lebhola emhlabeni jikelele elingasayinisa umdlali ngoba likholwa ukuthi yilokho okufunwa abalandeli balo,” kwengeza le menenja.