
UMabasa uveza okumenza avuthe engabaselwe
Umgadli we-Orlando Pirates, uTshegofatso Mabasa, uyakwazisa ukwesekwa akuthola eqenjini.
Uthi ukwesekwa akutholayo kubalulekile ukumgcina enza okusemandleni akhe ngaso sonke isikhathi.
Lo mgadlo onqobe indondo yeGolden Boot ka-2023/24, uqede indlala yamagoli ngesitayela muva nje.
Ushaye amagoli amathathu iPirates ibhubhudla iMarumo Gallants ngo 8-1 emdlalweni weBetway Premiership.
Nokho uphuthelwe wumdlalo olandelayo bebhekene neMagesi FC ngenxa yokumiswa.
UMabasa ukholwa ukuthi ubumbano lweqembu lubalulekile. Uncome ukuzwana ophakathi kwabadlali nabaqeqeshi.
IPirates ihubha izindebe kule sizini, kanti uMabasa uzimisele ngokusiza ukuthi zifezeke izifiso zeqembu.
“Kubaluleke kakhulu (ukwesekwa),” kusho uMabasa ngokwe-iDiski Times kuleli sonto.
“Uma ungalungile ngokwengqondo njengomdlali webhola, akukho okuhle ongakwenza enkundleni, ngithembe kulokho.
“Udinga ukuba sesimweni esifanele sengqondo ukuze wenze izinto ezinhle.
“Ukwesekwa okuvela eqenjini kuyamangalisa,” kuqhuba lo mgadli osenamagoli angu-38 kwiBucs.
“Ngishawa wuvalo uma ngikhuluma ngakho, kuyamangaza futhi engingakwenza wukubonga kuphela ngalokho abangenzela kona.
“Ngifuna nje ukubonga futhi ngiyajabula ukubuyisela ukukholelwa kwabo kimi.”
UMabasa, oneminyaka engu-28 ubudala, uzobuyela kwiPirates emdlalweni olandelayo lapho ezohlangana khona neStade d’Abijan ngoMgqibelo.
La maqembu ahlangana emdlalweni kaGroup C weCaf Champions League e-Orlando Stadium futhi womabili ayawadinga amaphuzu.
