EzintshaKaizer Chiefs

UMabuza uveza okwenze ashiye iChiefs aye kwelasePortugal 

Uhlale amasonto ambalwa kuleli qembu laseNaturena ngaphambi kokuthi adlulele eqenjini lasePortugal i-Amora FC.

Lo mdlali wasemuva, oneminyaka engu-24 ubudala, udabuka eMpangeni futhi uphuma kwiKZN Academy.

Wamenywa eNaturena ukuze ayohlolwa ngesikhathi iKaizer Chiefs isizovala isizini yayo futhi ilungiselela umdlalo wamanqamu weNedbank Cup.

“Isikhathi sokuhlolwa kwami besinzima,” kusho Mabuza engxoxweni nabeFARPost

“Ngifike kusele imidlalo emibili yokugcina yesizini yabo, futhi bese kuphele inyanga kuphele isizini yami ePortugal.”

Yize ebethembisa, kodwa isikhathi sokuhlolwa kwakhe sinqanyuliwe ngesikhathi iqembu selivala ngemuva kokusonga imidlalo yalo ngesizini edlule. 

Ngemuva kwalokho akubanga khona ukulandelela okusheshayo okwenzekile noma izinkomba zokuthi bazomdinga eNaturena.

Ngalesi sikhathi bekukhona iqembu elimfunayo uMabuza ePortugal, akangabe esakwazi ukulinda, washona kulo.

“I-Amora FC beyivele kade ilokhu ikhuluma nami,” kwengeza lo mdlali wasemuva kwesokudla. 

“Banesifiso sokuthuthuka futhi bafuna ukulwela ukukhushulelwa kwi-Liga 2. 

“Kwadingeka ngenze isinqumo — angikwazanga ukulinda ukuthi iKaizer Chiefs iphinde ivulele ukuqala amalungiselelo esizini entsha.”

UMabuza usesayine inkontileka yonyaka enombandela wokwengeza omunye ne-Amora. 

Inkontileka yakhe ihlanganisa nesigatshana sokukhululwa, uphawu olukhomba ukuthi uyazi angase adingeke kwenye indawo kungekudala. 

Ujoyine i-Amora esuka kwiLouletano Desportos Clube, lapho enze khona kahle esigabeni sesine sasePortugal.

Wakhele ozakwabo amagoli ayisishiyagalolunye futhi waqokwa njengomdlali wasemuva wakwesokudla ohamba phambili kwiligi.

Kuleli, amaqembu e-PSL i-TS Galaxy, AmaZulu FC, neRichards Bay nawo abemhalela.

Kodwa yena okwamanje usegxile esahlukweni esilandelayo kwiiga 3, uMabuza ujabule ngokuzivivinya ezingeni eliphezulu.

“Kuyinselelo entsha. Ngifuna ukusiza iqembu ukuthi liphushele ukukhushulwa futhi ngikhule nakakhulu njengomdlali.”