AmaZuluEzintsha

Okwenza uZungu abone AmaZulu ezoba ngaphezu kweBig 3

UZungu umangaze abaningi ngesikhathi ethi Usuthu lusendleleni ebheke ekudluleni izinkunzi zakuleli: iKaizer Chiefs, i-Orlando Pirates, neMamelodi Sundowns.

Selokhu athenga le kilabhu ngo-2020, uZungu ubona le kilabhu eneminyaka engu-94 njengebhizinisi nje, kodwa “njengegugu lesizwe”. 

Ukuphawula kwakhe kwakamuva kwi-IN THE KNOW Podcast kuphakamisa ukuthi ubona leli qembu lisazoba umazibuthe kubalandeli.

Ukuzethemba kukaZungu kuvela ezimpandeni ezijulile zesiko lale kilabhu. 

Uthi izigidi zabantu bozalo lwaKwaZulu — kusukela eGauteng kuya eMpumalanga Kapa — bangabalandeli abalindele isizathu sokubuya.

Nawa amaphuzu enza uZungu akholwe wukuthi Usuthu lunenqwaba yabalandeli

  • Iqembu lesibili: UZungu ukholwa ukuthi abaningi abangabalandeli beChiefs noma iPirates bathatha AmaZulu njengeqembu labo “lasekhaya”.
  • Ifa loSuthu: AmaZulu asungulwa ngo-1932, kanti yiwona kilabhu endala kunawo wonke kwiPSL.
    Leli yifa elenza uZungu angafuni ukuliqamba kabusha leli qembu ngesikhathi elithenga.
  • Uhlaka lwempumelelo: “Esidinga ukukwenza nje ukwakha kabusha bese silenza limataniswe nokunqoba njalo… abantu bazozibuyela.”

Amazwi kaZungu akhombisa ukuthi unetehmba elikhulu ngoSuthu kodwa kubukeka kuzodingeka omkhulu umsebenzi ukuwafeza.

Uma kubhekwa izibalo zabalandeli ezinkundleni zokuxhumana, AmaZulu asilele emuva kakhulu kwiBig 3.

Kwi-X, AmaZulu anabalandeli abangaphezu kancane kuka-250 000 okuyenza isalele kakhulu kwawaseGauteng.

IChiefs inabangu-3 million, iPirates ibe nabangu-2 million bese iSundowns ibe nabangu-1.2 million. 

NakuFacebook asalele emuva kakhulu ngabalandeli njengoba engakafiki naku-500 000 ekubeni iChiefs nePirates benabangaphezu kuka-5 million. 

Ukufika kulo 16 million awufunayo uZungu kuzodinga omkhulu umsebenzi, hhayi enkundleni nje kuphela, kodwa nakweminye imikhakha yeqembu.