EzintshaFifa Club World Cup

ULorch ufunde lukhulu yize ephoxekile kwiClub World Cup

Njengamanje uphakathi kwabadlali okukhulunywa ngabo kakhulu ngemuva kokudlala kahle kule midlalo emibili kuze kube manje. 

Futhi sekunemibono yokuthi kuzomele umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos acabange ngokumbuyisela eqenjini lakhe. 

Yize iWydad isikhishiwe kulo mqhudelwano, uThembinkosi Lorch ukholwa ukuthi bazokhula umdlali ngamunye, nanjengeqembu ngemuva kwale midlalo.

UThembinkosi Lorch ushaye igoli elihle, eqisa ibhola phezu kukanozinti ngesikhathi behlulwa ngo 4-2 yiziqhwaga zase-Italy iJuventus ngeSonto ebusuku. 

Uthi lo mdlalo ube nengxube yemizwa kuye – owokujabula nokuziqhenya, nowokuphoxeka.

Ujabule ngendlela adlale ngayo nangokushaya igoli lakhe lokuqala kulo mqhudelwano, kodwa ephoxekile ngomphumela abaphume nawo.

“Ngijabule kakhulu ngokuba sohliwni lwabashaye amagoli, kodwa siphoxekile ngokuthi asiwinanga,” kusho uLorch ngemuva komdlalo. 

“Ngibonga bonke abantu base-Afrika ikakhulukazi abantu baseNingizimu Afrika ngokungeseka abebelokhu bekukhombisa kimina.”

Njengoba iWydad isidlale futhi yahlulwa ibhekene neManchester City neJuventus eqoqweni ebelinzima, uThembinkosi Lorch ubheke okuhle.

Ukhetha ukuthatha izifundo nokwakhela phezu kwabakwenzile bebhekene nabadlali bebhola abaphambili emhlabeni.

“Uma sibhekene namaqembu ahamba phambili emhlabeni, sifunda lukhulu,” kwengeza lesi sihlabani esazakhela igama kwi-Orlando Pirates. 

“Kunomoya omuhle wokuzwana eqenjini. Sifunde izinto eziningi. Asigxili ekuekutheni sihluliwe, kodwa kulokho esikufundile okuzosisiza ukuya phambili. 

“Ngibonga abalandeli, basinika konke abanakho,” kuqhuba uThembinkosi Lorch engxoxweni abe nayo neFifa Media. 

Manje usezobheka ukwengeza emagolini akhe lapho behlangana ne-Al Ain emdlalweni wabo wokugcina esigabeni samaqoqo ngoLwesine.

Lona ngumdlalo owodwa iWydad enethuba langempela lokuthola umphumela omuhle kuwo. 

Leli qembu lase-Asia seliphenduke i-ATM la amaqembu ezitamuzela khona amagoli njengoba selingenelwe angu-11 emidlalweni emibili.