
Idonsa amehlo eyokuziphatha kwabeChiefs okuphazamisa uNabi
Ukaputeni weKaizer Chiefs uYusuf Maart ubuyile futhi angase abuyele eqenjini eliqala umdlalo.
Amakhosi azobhekana neSuperSport United emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesibili ebusuku.
Okuthatha amehlo wukuthi uSamkelo Zwane, obengene endaweni kaMaart emdlalweni odlule, uzophuthelwa yilo mdlalo ngenxa yokumiswa.
Uthole ikhadi lesine eliphuzi ngesikhathi iChiefs inqoba ngo 3-0 ishaysa iChippa United kwiNedbank Cup ngoMgqibelo.
UMaart ubemisiwe kulo mdlalo weChippa kodwa manje usebuyile ukuzoqinisa iChiefs maphakathi nenkundla.
UZwane ubeqalile futhi wadlala kahle bebhekene noChippa, kodwa uNabi kuzomele aphinde alihlele kabusha iqembu lakhe.
Ngaphezu kwalokho, baningi abadlali beChiefs abasengcupheni yokumiswa emidlalweni ezayo.
Umdlali wasemuva u-Inacio Miguel, umdlali wasesiswini ohlaselayo uMduduzi Shabalala, noThabo Cele osanda kusayina bonke banamakhadi amathathu aphuzi.
Nona ubani kubo ozothola elinye ikhadi uma sebebhekene neSuperSport, uzophuthelwa umdlalo olandelayo.
Lokhu kukhithiza amakhadi kwabadlali beChiefs kungase kuphazamise inqubekela phambili yeqembu.
Akulisizi iqembu ukujikajika isikimu esiqala umdlalo njalo nje ngoba kwenza ungabambeki umgqigqo.
IChiefs ikhombise ukuthuthuka emasontweni amabili edlule. Inqobe imidlalo emithathu kwemihlanu edlule.
Lokhu kuhlanganisa nokunqoba iChippa ngo 3-0. Emidlalweni emihlanu edlule inqobe emithathu, yahlulwa kowodwa, yadlala ngokulingana kowodwa.
IChiefs izobheka ukuqhubeka nefomu yayo enhle futhi ithole enye iwini ebalulekile kuMatsatsantsa.
