
Uklolodele abebeminyele iSundowns ‘esidume umhlaba wonke’
IMamelodi Sundowns ihlulekile ukufinyelela esigabeni somkhumulajezi kwiFifa Club World Cup.
Kodwa noma kunjalo, umqeqeshi wayo uMiguel Cardoso ugcizelela ukuthi amaBrazilians azakhele ukuhlonishwa nogazi emhlabeni jikelele.
IMamelodi Sundowns iqophe umlando ngokuvula umkhankaso wayo kuGroup F ngokugongqa phansi i-Ulsan HD ngo 1-0.
Lokhu bekungukunqoba kwayo okokuqala ngqa emidlalweni yeClub World Cup.
Yize ihlulwe ngengcuphe yiBorussia Dortmund yadlala ngokulingana neFluminense, iSundonws iphumile kulo mqhudelwano kodwa ihambela phezulu.
“Senze le kilabhu yethu yaziwa nakakhulu emhlabeni,” kusho uCardoso.
“Manje wonke umuntu ebholeni lomhlaba ukhuluma ngeMamelodi Sundowns.”
Lo mqeqeshi odabuka ePortugal uveze ukuthi uthole imilayezo evela emagumbini ehlukene emhlabeni jikelele.
Uthi uthole imilayezo kubantu angazi nokuthi bazithathephi izinombilo zakhe abaseBrazil, eSpain, ngisho nase-England imbala – bonke bebencoma ibhola elikhangayo leSundowns.
“Akekho ofuna ibhola eliyisibhorayo. ISundowns ivuse imizwa kubalandeli emhlabeni jikelele.
“Yingakho manje abantu sebelithanda leli qembu,” kuqhuba uCardoso.
Ugqamise ukuxhumana okujulile phakathi kweqembu nabalandeli balo, ikakhulukazi elokishini laseMamelodi.
“Yiqembu labo futhi limele injabulo yabo. Uma bedansa, nathi sidansa nabo. Noma ngingumPutukezi, ngithwele amaphupho abo.”
IMamelodi Sundowns yiyona iqembu lase-Afrika elenze kangcono kunawo wonke ngokwamaphuzu ewaqoqile nendlela edlale ngayo.
Kodwa-ke, alikho nelilodwa kwamane abemele i-Afrika – iSundowns, i-Al Ahly, iWydad, ne-Esperance – elidlulele esigabeni somkhumulajezi.
Noma kunjalo, uCardoso ukholwa ukuthi isipiliyoni senze iqembu lakhe “laqina kakhulu” futhi lashiya uphawu oluyokhumbuleka njalo ebholeni lomhlaba.
“Siyaziqhenya. Khona asizange siyifeze inhloso yethu enkulu, kodwa siyimele kahle i-Afrika, iNingizimu Afrika neMamelodi.
“Sibamele ngokuziqhenya, ukuzigqaja nangebhola elinesibindi nelikhangayo.”
