EzintshaMamelodi Sundowns

UFohloza ubhoboka ngokugajwa kwabo kwiDowns 

Obeyiphini lomqeqeshi kwiMamelodi Sundowns, uRomain Folz, usekhulume okokuqala ngokuxoshwa kwakhe kuleli qembu.

UFolz, owaziwa ngelika “Fohloza,” udedelwe kanye nomqeqeshi uManqoba Mngqithi nomqeqeshi wonozinti uWendell Robinson. 

Ukuhamba kwabo kwenzeke esikhathini esingaphansi kwezinyanga eziyisithupha ejoyine leli qembu ekuqaleni kwesizini.

Ekhuluma, lo mqeqeshi weFrench-Moroccan uthe uyasamukela isinqumo seqembu. 

Futhi ukubheka njengethuba lokuzindla nokukhula lokhu okwenzekile.

UFolz ugcizelele ukubaluleka kokufunda ezimweni ohlangabezana nazo kunoma yimuphi umkhakha wempilo. 

Manje usegxile ekuzithuthukiseni ngaphambi kokubheka umsebenzi wakhe olandelayo kwezokuqeqesha.

“Ukukhuluma iqiniso nje, ukuxoshwa akuyona into okumele yenze umqondo cha,” kusho uFolz kwabeSoccerbeat Podcast.

“Kuwukuthi, uma usebenza noma ngabe kwiSundowns noma kwenye indawo noma iqembu lesizwe noma kuphi, ekugcineni uyisisebenzi.

“Noma yisiphi isinqumo esithathwayo, ungase uvumelane naso noma ungavumelani naso.

“Kungase kube nengqondo noma kungabi nangqondo kuwe kodwa kufanele ukwamukele.

“Ukungakwamukeli noma ukuphikisana nakho ngeke kukusize ngalutho ekugcineni.

Uthe uma ebheka emuva, uyaziqhenya ngoba bebebona besayibambe kahle iSundowns.

“Uma ngibheka emuva, bekungokokuqala ngiba yingxenye yeCaf Champions League futhi besingakaze sihlulwe ngaleso sikhathi kwiChampions League.

“Kukhona njalo izinto ongazenza kangcono. Ngokusobala, owamanqamu weCarling Cup (waba nomthelela. Asizange sijabule ngalokho.

“Kunezinto ezingcono ebesingazenza lapho. Kodwa ekugcineni, ikilabhu ithathe isinqumo. 

“Manje sekuwukucabanga nje ngomsebenzi owenzile futhi uveze ukuthi wenzeni kahle nokuthi yini obungayenza kangcono.

“Uzama ukuzithuthukisa ngokubuka lokho obhekane nakho bese ubheka okulandelayo.

“Ngikubuka kanjalo. Angiziniki isikhathi sokucabanga ukuthi bekufanelekile noma cha ngoba ngeke kusashintsha lutho.”