EzintshaOrlando Pirates

UCijimpi uphawula ngokumenza ahalele owePirates

UCijimpi – oke wacija AmaZulu FC kuleli – uthi uma engamthola lo mgadli engamenza omunye wabagadli abaphambili ebholeni lase-Afrika. 

Uthi ukumhalela kwakhe akuyona into yamanje, kodwa isuka kude ngesikhathi esaqeqesha Usuthu futhi wayefisa ukumthola nangaleso sikhathi. 

“Ngangimfuna nagesikhathi ngikuMaZulu,” kusho uMartin engxoxweni abe nayo nabeSoccer Laduma muva nje. 

“Namanje ngiyamfuna futhi. Kade ngaqala ukumthanda, futhi ngicabanga ukuthi indlela adlala ngayo ihambelana kahle nesitayela sami. 

“Engashaya amagoli amaningi kule ndlela esidlala neesakha ngayo amathuba,” kwengeza lo mqeqeshi oke wamataniswa nePirates. 

UMartin kuke kwavela ukuthi ubesohlwini lwabaqeqeshi iPirates ebicabangela kubo ngesikhathi ifuna ozovala isikhala sikaJose Riveiro.

Nokho igcine ithathe u-Abdeslam Ouaddou obekwiMarumo Gallants ngesizini edlule futhi oyiqale kabi isizini nengoba esehlulwe emidlalweni emibili kwemithathu. 

Ukubuyela kuCijimpi, uthe akazi ukuthi zikuphi izigxoxo – uma zikhona – ngokuthi leli qembu lakhe laseMorocco limtholele uMabasa.

“Angazi lutho ngezingxoxo phakathi kwamakilabhu, noma nomdlali noma ngamathuba okumthola,” kwengeza yena. 

Okuvelayo wukuthi uMartin akaqali ukuzama ukuthola lo mdlali njengoba eke wamzama nangesikhathi eseqenjini abeliqeqesha esigabeni sesibili eSaudi Arabia. 

ILisenethini ike yabika ngasekuqaleni kwesonto ukuthi uMabasa ujike umqondo kade esevumile ukuya kwiMaghreb de Fès eMorocco. 

Selokhu kuvulwe isizini, uMabasa akakadlali kwiPirates kanti lokhu kuthiwa kungenxa yokuthi leli qembu bese likulungele ukuqhubeka ngaphandle kwakhe.

Kodwa imenenja yakhe, uGary Cassisa isiqinisekise iPirates ukuthi uMabasa uzibophezele kuyo futhi njengamanje ubheke ukuphula irekhodi lokushaya amagoli amaningi. 

“UTshegofatso Mabasa usazinikele ngokugcwele kwi-Orlando Pirates kuphela. Usesondele kwirekhodi lokushaya amagoli amaningi futhi ufuna ukuqopha lowo mlando,” kusho uCassisa.