
OweChiefs umataniswa neCity, ukhathele ukukhuhla ibhentshi
Umdlali wasesiswini weKaizer Chiefs uMduduzi Mdantsane kungenzeka ukuthi uzobuyela kwiCape Town City.
Lo mdlali oneminyaka engu-30 ubudala ukuthole kunzima ukungena eqenjini eliqala imidlalo kuMakhosi kule sizini.
Ujoyine iChiefs esuka kwiCityizens ekuqaleni kwesizini edlule ka-2023/24.
Ngesizini edlule udlale imidlalo engu-16 kwiChiefs kuyo yonke imiqhudelwano.
Nokho ngaphansi komqeqeshi omusha uNasreddine Nabi, uMdantsane ubengakadlali kule sizini.
Njengoba amathuba akhe emancane kulezi zinkunzi zaseSoweto, kubonakala sengathi kungenzeka abuyele eKapa.
“Kunezingxoxo eziqhubekayo. Akukaqedwa kodwa kungase kube nesivumelwano ngoJanuwari lapho uMdu (Mdantsane) ezobuyela eKapa.
“Konke kumayelana nokuthi athole isikhathi sokudlala kanti kwiCity kumayelana nokuqinisa isikwati sayo.
“ICity isemizamweni yokukulwela indawo engcono kwiligi ikakhulukazi ngomzuliswano wesibili futhi ibona ukuthi isipiliyoni sikaMdantsane singabasiza,” kubika iSNL24.
“Nokho kusenamathizethize okumele alungiswe. Uyazi ukuthi usenenkontileka kuze kube uJuni 2026.
“Ngakho-ke yikhona okumele bakubheke ukuthi bazomdinga yini kulesi siwombe sesibili sesizini noma bazofuna ukumgcina ngemuva kwale sizini nokusho ukuthi bamthenge unomphela. “Kufanele baqedele leyo mininingwane maduze,” kuqhuba umthombo ocashunwe kulo mbiko.
Kodwa-ke, usihlalo weqembu uJohn Comitis uwaphikile la mahlebezi, ethi akukho zingxoxo anazo neChiefs yena.
“Akulona iqiniso,” uphendule kanje uma ebuzwa ngalokhu uComitis.
ICity ingaphansi komqeqeshi wesikhashana uMuhsin Ertugral ngemuva kokuxoshwa kuka-Eric Tinkler ezinsukwini ezimbalwa ezedlule.
