
UKeletso Makgalwa uphawula ngokumataniswa neChiefs
Umdlali wasesiswini weSekhukhune United, uKeletso Makgalwa, usekhulume ngamahlebezi abekhomba ukuthi uyashiya kuleli qembu.
Lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala usefomini ephezulu kusukela ejoyine iSekhukhune ngesizini edlule, waze waqokwa kqiPSL Players’ Player of the Season neFootballer of the Season.
Nokho ukhale ngaphansi kuyo yomibili le miklomelo egcine idliwe uLucas Ribeiro obekwiMamelodi Sundowns.
Imibiko iveze ukuthi iKaizer Chiefs nezikhondlakhondla zaseTunisia i-Esperance banentshisekelo kuKeletso Makgalwa.
Nokho lesizini uyiqale ngegiya eliphansi, okubhebhethekise amahlebezi okuthi kungenxa yokuthi uyahamba maduze.
Kodwa umqeqeshi weSekhukhune, u-Eric Tinkler uwachithile lawo mahlebezi, futhi njengoba selivaliwe nje iwindi, kucaca manje ukuthi uKeletso Makgalwa akayi ndawo.
Usephawulule ngawo: “Cha, angazi lutho ngaleyonto mina. Ngicabanga ukuthi bekungamahlebezi nje.
“Kimina, bekungamahemuhemu nje. Alikho iqembu elake lafika kimi lizokhuluma ngalokho,” uMakgalwa usho kanje kwabeFARPost.
Noma kunjalo, lo mdlali ophuma enkulisa yeMamelodi Sundowns akakalilahli ithemba ngokudlulela eqenjini elisezingeni eliphezulu kuneSekhukhune.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
“Yebo, isifiso sami ukuzibona kwelinye lamaqembu amathathu amakhulu kuleli noma mhlawumbe e-Afrika,” kuqhuba yena.
Naphezu kokuqala ngegiya eliphansi kule sizini, uKeletso Makgalwa uzitholele indawo eqenjini uHugo Broos azohlunga kulo azodlala ngalo imidlalo ebalulekile ngenyanga ezayo.
IBafana Bafana elizogadulisana neRwanda neZimbabwe emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba okumele iyinqobe.
FUNDA NALA | IMan United isaqhubeka nokuba wukudla kwenduku kwi-EPL
“Bengilokhu ngithandaza ngalokhu. Ngakho, ngingajabula ukuzibona ngiseqenjini lokugcina, futhi kungenzeka noma yini.
“Ngikholwa wukuthi ngingangena esikwatini sokugcina sabangu-23. Kungenzeka. Ngakho ngikubheke ngabomvu lokho,” kwengeza uMakgalwa.
