EzintshaOrlando Pirates

UJose Riveiro akawuvali ngoRele Mofokeng nekusasa leBucs

URele Mofokeng uphinde wakhombisa ikhono lakhe elimangalisayo ngesikhathi iPirates ishaya iKaizer Chiefs, okushiye uJose Riveiro engawuvali ngaye.  

Lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala ohlaselayo ushaye igoli lesibili benqoba ngo 2-1 kulo mdlalo weBetway Premiership obuseFNB Stadium ngoMgqibelo ntambama. 

IChiefs ihambe phambili ngesikhathi uGlody Lilepo eshayiwa uSipho Chaine enwebeka ubala ngebhola alishaye ngobuchule ngomzuzu wesibili. 

IPirates ilinganise ngegoli lika-Evidence Makgopa ngomzuzu ka-24, yase ilawula umdlalo ngesiwombe sesibili lapho uRele Mofokeng eshaye khona elesibili. 

“URele uletha ukumamatheka ebusweni bethu sonke, wonke amaBhakabhaka ayajabula ngaye selokhu aqala ukusidlalela,” kusho uRiveiro.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi uJose Riveiro ebonakale emamatheka kakhulu okuyinto engajwayelekile ngemuva kokuthi uRele Mofokeng eshaye igoli lakhe.

URiveiro uwuhlobo lomqeqeshi ovame ukuyifihla kahle imizwa yakhe, kodwa akakwazanga ukuzibamba ngesikhathi uMofokeng ephinda ekhombisa ubuhlakani bakhe.

Uthi ukudlala kukaMofokeng kumgqugquzele ukuthi anikeze abanye abadlali abasebancan ithuba eqenjini lakhe.

“Futhi manje bonke abafana abancane babukela kuye bese bethola ugqozi,” kuqhuba lo mqeqeshi waseSpain. 

“Siqede umdlalo namuhla sesinabadlali abasebancane abayisithupha enkundleni.

“Lokhu yinto ekhuluma kakhulu ngombono weqembu, mayelana nokuthi iPirates ibhekephi. 

“Kuyizindaba ezinhle eqenjini,” kusho uRiveiro. IPirates iqale ngoMofokeng, uMohau Nkota noMbekezeli Mbokazi. 

Bobathathu basanda kukhushulwa besuka eqenjini leDStv Diski Challenge futhi sebephenduke abadlali abamqoka selokhu banikezwa imidlalo yabo yokuqala eqenjini elikhulu.

Ngokuqhubeka komdlalo, uRiveiro uphinde wafaka uSiyabonga Ndlozi, uBoitumelo Radiopane noSimphiwe Selepe.

Bekukhona noYanga Madiba ebhentshini kodwa yena ugcine engalitholanga ithuba lokudlala. 

Ukufakwa kwalaba bafana abancane kukhombisa ukukholelwa kukaRiveiro ethalenteni labadlali abancane.

Lokhu ke kuyinto enhle  hhayi kwiPirates nje kuphela, kodwa ebholeni laseNingizimu Afrika lilonke.